UKUHLONIPHA iqhaza elibanjwa ngabasebenzi bemikhakha ehlukene yezempilo nentshisekelo yokubona abantu bephila impilo ende, yizona zinto ezidonse iso likaNksz Busisiwe Ndlovu ukuthi afise ukuba yingxenye yethimba eligqugquzela abasebenza kulo mkhakha ukuba yingxenye yomncintiswano waminyaka yonke, i-African Health Excellence Awards, ayinxusa layo.
I-African Health Excellence Awards, iqhakambisa abasebenzi bemikhakha yezempilo, kanti umcimbi wawo uzokwenziwa eThekwini ngoNovemba nonyaka.
Kuzobe kungokokuqala wenziwa KwaZulu-Natal, selokhu waqala ukwenziwa ngo-2017.
UNksz Busisiwe Ndlovu (23) waseMooiriver maphakathi neKZN, uthe ufike lapho ekhona manje nje yingoba uwumuntu ovele enentshisekelo yokubona abantu bephila isikhathi eside.
Uthe ukuthola ithuba lokuba yinxusa lalo mncintiswano, kusho lukhulu kuyena ngoba kuzokwenza ukuthi akwazi ukukhuthaza abantu ukuphila kahle nokuhlonipha abasebenzi bezempilo.
Njengoba eyinxusa lalo mncintiswano ohlelwa yinhlangano i-African Health Excellence Organization, umsebenzi wakhe kuzoba wukukhuthaza abasebenzi bezempilo ukungenela eminxeni ehlukene, ahambele izindawo ezahlukene azisa abantu ngawo nokuthi anxuse izinkampani ezizimele nezinhlaka zohulumeni ukuba ziwuxhase ukuze ube yimpumelelo.
“Okunye okwenza ngilijabulele kakhulu leli thuba wukuthi kuzobe kungokokuqala lo mcimbi wenzelwa eKZN, isifundazwe nami engidabuka kusona. Okunye ngukuthi umcimbi omkhulu futhi obalulekile, ohlanganisa abantu bamazwe ehlukene ase-Afrika kubalwa iNigeria, Malawi namanye amaningi asuke engenele eminxeni yawo ehlukene,” kusho uNksz Ndlovu oneziqu ze-Bachelor of Speech Language Therapy aziphothula e-UKZN ngo-2023.
Sekuvuliwe ukungenela umncintiswano eminxeni ewu-13 yezempilo okukhona kuyona owe-Remarkable Health Care Professional, Living with A Disability of The Year, Health Institution of The Year, Health Care Professional Author of The Year, Health Researcher of The Year nowe-Health Care Professional Mentor of The Year.
Ungenela ngokuthi ungene kwi-website ethi: https://heosa.africa/awards/nominate bese ufaka imininingwane yomuntu omqokayo, ucacise nomkhakha omqokela kuwona.
Ukufaka izicelo zemingenelo kuzoze kuvalwe ngoMeyi 30, kanti kuvuleleke ukuthi umuntu aziqoke yena noma aqoke umsebenzi wezempilo ambona efanelwe wukuqokwa emunxeni othile.