KUJWAYELEKILE ukuthi abanikazi bezimoto abaningi izicelo zabo zokuthi bakhokhelwe ngenxa yokuthi izimoto zabo zishayisile noma zibe nezinkinga ezithile zichithwe ngenxa yokuthi kunezinto ebesezinesikhathi kumele ngabe zilungisiwe emotweni ebezingalungile.
I-Ombudsman yomshuwalense wesikhathi esifishane, i-Ombudsman for Short Term Insurance, ithe kubalulekile ukuthi imoto yakho uyihambise kwisevisi ngesikhathi ukuze kungathi uma ufaka isicelo sokukhokhelwa kuthiwe ngeke ukhokhelwe ngoba imoto yakho beyingekho esimeni.
UMnuz Darpana Harkison osebenza ehhovisi lika-Ombudsman womshuwalense wesikhathi esifishane, uthe muva nje basize umuntu obenomshuwalense imoto yakhe ebandakanyeke engozini yashayisana netekisi.
"Umshuwalense ubuthi ingozi yenziwe ukuthi amasondo emoto abesegugile ngakho imoto ayikwazanga ukuma ngesikhathi esifanele ngesikhathi imiswa. Umnikazi wemoto usikhombise irisidi elikhombisa ukuthi imoto yakhe beyiye kwisevisi ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi ibandakanyeke engozini. Kuleli risidi kuthiwa amasondo asesimeni esikahle, sazichitha izinsolo zokuthi amasondo abengekho esimeni ngenxa yalelo risidi. Ngakho kubalulekile ukuthi imoto uyihambise kwisevisi ngesikhathi ukuze umshuwalense ungabi nayo indlela yokuphunyula," kusho yena.
Uqhube wathi ukube umnikazi wemoto ubengenabo ubufakazi bokuthi imoto yakhe beyiye kwisevisi ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi kube nengozi umshuwalense ubengeke ukhokhe.
" Umshuwalense wehlulekile ukuthi ukhombise ukuthi yini eyenze ukhombe amathayi emoto njengesizathu sokuthi imoto ingakwazi ukusheshe ime esikhundleni sokuthi ubhekwe ukuthi konke kwenzeke ngokushesha yingakho umshayeli engakwazanga ukuyibamba ngokushesha imoto . Umshuwalense kudingeke ukuthi ukhokhe ngoba bekunobufakazi kodwa ukube bebungekho ngabe kubhedile," kusho yena.