IZINGOZI zomgwaqo zingaba yinkinga ezinkampanini ngoba zilimaza iphakethe futhi ziphazamise nokusebenza.
Ngokuka-Eugene Herbert, zikhona izindlela zokuzinciphisa ngokuqaphela izinto ezizidalayo.
Uthe ukuphazamiseka ube ushayela yikho okuyinkinga.
“Emhlabeni jikelele yilesi sihloko obekukhulunywa ngaso kakhulu ngenyanga edlule ngoba bekuyinyanga yokuqwashisa ngokuphazamiseka ube ushayela. Ngisho kungaba nemithetho enjani yokunqanda lokhu kodwa ungalinge ucabange ukuthi akukuphazamisi. Empeleni ukuphazamiseka ushayela yikho okudala kakhulu izingozi okufa kuzo abantu ezihlanganisa isivinini, abahamba ngezinyawo namabhayisikili.”
UHerbert uqhube wathi ukuphazamiseka kwenzeka ngenxa yezinto eziningi.
“Okusobala wukusebenzisa iselula kodwa okunye wukuphupha emini, ukudla nokuphuza kanjalo nokuxoxa nabagibeli. Uma enkampanini ningenawo umthetho ovimba lokhu, kumele niwenze.”
Uthe kumele kube nobuchwepheshe obenza kube nzima ukuthi abashayeli basebenzise amaselula nokuthi bajeze kanzima ababanjwa bephula umthetho.
UHerbert uthe okunye wukushayela ungekho esimweni esihle.
“Khumbula ukuthi ukungabi sesimweni akuhlanganisi kuphela ukushayela uphuzile kodwa kuthinta ukusebenzisa izidakamizwa nokusebenzisa imithi oyithola emtholampilo. Lokhu kwenza kube nzima ukukulawula.
Uthe uma unabashayeli abaphuzayo, abasebenzisa imithi noma abadla imithi yomkhuhlane, ushayelisa abantu abangekho esimeni futhi abaphazamisekile ngendlela abathatha ngayo izinqumo.
“Basemathubeni amaningi okuthi balale beshayela.”
Uthe kubalulekile ukuthi abashayeli bafundiswe ngalokhu ngoba abanye bayithatha kancane indaba yemithi yomkhuhlane. Uthe kumele kube nemithetho eqinile egwema lokhu nokuzothi uma kukhona obanjwa eyiphula ajeze kanzima.