Sinyukile isibalo sezimoto ezidayiswe ngoFebhuwari, ngakolunye uhlangothi eseziphume eNingizimu Afrika sancipha.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe isibalo sezimoto ezidayisiwe sinyuke ngo-1 128 noma u-2.6% uma kuqhathaniswa noFebhuwari wonyaka odlule zaba ngu-44 224.
Ithe yize kunjalo kodwa isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli sehle ngo-11.5%. NgoFebhuwari wonyaka odlule zazingu-34 352 kanti kulokhu zibe ngu-30 409.
Kuzo zonke izimoto ezingu-44 224 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-37 091 noma u-83.6% zithengwe emagaraji. Ezilinganiselwa ku-9.0% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, ezingu-5.1% zithengwe wuhulumeni kwathi u-2.3% kwaba ngowezinkampani.
Izimoto ezincane ezidayisiwe zibe ngu-29 657. Ezingama light commercial vehicle, amaveni namatekisi amancane zibe ngu-12 972.
NgokweWesBank, iToyota Hilux yiyo edayise kakhulu kuthengwa angu-3 631. Ilandelwa yiFord Ranger ngo-1 806, Isuzu D-Max ngo-1 747, Toyota Corolla Cross ngo-1 683, VW Polo Vivo ngo-1 513 neSuzuki Swift ngo-1 367.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota - 11 560
Volkswagen Group SA - 5 288
Suzuki Auto - 4 309
Nissan - 3 172
Hyundai Automotive South Africa - 2 715
Ford Motor Company - 2 499
Renault - 2 112
Isuzu Motors South Africa - 2 057
Kia South Africa - 1 843
Haval Motors SA - 1 538
BMW Group - 1 392
Chery Auto South Africa - 1 381
Mahindra - 1 201
Mercedes-Benz SA - 753
Honda - 354