NGESIKHATHI ngiqala ukubona kuvezwa iVW Golf 8 GTI ngonyaka odlule ngibe nokungabaza ukuthi yimoto engizoyithanda kodwa amathe abuyele kasifuba sengifika eduze kwayo.
AbakwaVW banochungechunge lokwethula le moto ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika emjikelezweni obizwa ngeGTI 8 on Tour. Ngifinyelele kuyona ngesikhathi ikhonjiswa eCornubia Mall ngoMgqibelo.
Ngize ngathola nethuba lokungena kuyona ngihambe ngayo ngafike ngabhema ngakholwa. Amandla enawo nokubambelela phansi yenza ungabi nalo uvalo uma uhamba ngayo. Uma ubuka omunye umuntu egijima ngayo uyathuka ngendlela ebukeka igijima ngayo kodwa lolo valo luphela nya uma sekunguwena ophakathi kuyona.
Lokho kudalwa ubuntofontofo bayo nendlela ebambelela ngayo emgwaqweni. Namabhreki ayo akwazi ukuyibamba ime nse ngisho ngabe ugijima kanjani. Ubuhle bayo ngaphakathi nangaphandle kwenza kubenzima ukususa amehlo akho kuyona. Ngokunjalo ne-sunroof yayo usuvele uyivule ngokudlulisa umunwe uye phambili eduze kwayo noma uyivale ngokuwuyisa emuva.
Amandla ifuqa u-180kW netorque engu-370 Nm. Ngesikhathi ikhonjiswa eCornubia Mall bekukhona nabenkampani edayisa amathayi iGoodyear abaveze ukuthi banesivumelwano neVW sokuthi le moto iphume egaraji namathayi abo.
Bekukhona neyomjaho nayo esithuliwe obukhangwa iyona uqhamuka nje lapho bezikeliswe khona izimoto zakwaVW.
Kulo mbukiso abakwaVW baphinde bakhumbuza amakhasimenze abo emuva njengoba bekunombukiso weVW Golf kusuka kuGolf 1 kuze kufike kuyona iVW Golf 8 GTI.
Bekuphinde kudayiswe nezimpahla zokugqoka ezineLogo yeGTI okukhona kuzona izikibha, amasokisi, izikhwama, amaKey holder nama-Ash tray.