NAPHEZU kwezingqinamba zomnotho nokubhebhetheka kweCovid-19, izibalo zokuthengwa kwezimoto eNingizimu Afrika ngoNovemba, zikhuphukile.
I-National Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe zingu-41 588 izimoto ezidayisiwe nokuyisibalo esikhuphuke ngo-2 573 noma u-6.6% uma kuqhathaniswa no-39 015 owadayiswa ngoNovemba wonyaka odlule. Zingaphezulu ngo- 553 kunezango-Okthoba.
Ngakolunye uhlangothi, isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli sehle ngo-14 277 noma u-42.2% zaba ngu-19 548. NgoNovemba wonyaka odlule zazingu-33 825.
INaamsa ithe kuzona zonke izimoto ezingu-41 588 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-35 014 noma u-84.2% ezidayiswe emagaraji; u-11.5% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto; u-2.4% wathengwa nguhulumeni kwathi u-1.9% kwaba ngowezinkampani.
Izimoto ezincane ezidayisiwe zibe ngu-27 828 nokuyisibalo esinyuke ngo-2 386 noma u-9.4% uma kuqhathaniswa no-25 442 wangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izimoto ezingama-light commercial, amaveni namatekisi zibe ngu-11 156. Ezinye ezidayisiwe kube ngamaloli namabhasi.
INaamsa ithe yize izimoto ezidayise ngaphandle zibe ngu-19 548 kodwa kusuka kuqale unyaka kuze kube yimanje isibalo siphezulu ngo-8.3% uma kuqhathaniswa no-2020.
“Yize kube nezingqinamba eziningi ngale nyanga ezihlanganisa ukunyuswa kwenzalo yemali-mboleko okokuqala eminyakeni emithathu, ukunqanyulwa kukagesi okuhleliwe ne-Omicron Covid-19 equbule uvalo emhlabeni, imboni yezimoto ezintsha ikhombise ukulwa. Izinkampani eziqashisa ngezimoto zifake isandla esibalweni sezimoto ezincane kulezi zinyanga ezedlule kodwa ukuvalwa kwezihambeli eziphuma kuleli ngenxa ye-Omicron kungase kube nomthelela omubi ekwesekweni kwalesi sigaba sezimoto yile mboni,” kusho iNaamsa.
Ithe abathengi bazoqhubeka babe nengcindezi yezezimali ngenxa yokunyuka kukaphethroli nenzalo yemali-mboleko engase inyuke.
Ngokwezinkampani, iToyota yiyo ezihola phambili ngokudayisa kakhulu. Ekuqaleni kukaNovemba yethule iToyota Corolla Cross eyakhiwa eThekwini, nokuyiyo enyuse izibalo.
Izibalo ezikhishwe yiWesBank ziveza ukuthi kudayiswe amaCorolla Cross angu-1 757.
Izimoto ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota Hilux – 2 558
VW Polo – 1 890
Toyota Hiace – 1 789
Toyota Corolla Cross – 1 757
Isuzu D-MAX – 1 666
VW Polo Vivo – 1 608
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota – 11 892
Volkswagen Group SA – 5 498
Suzuki Auto – 3 082
Hyundai Automotive South Africa – 2 869
Nissan – 2 328
Ford Motor Company – 2 245
Isuzu Motors South Africa – 2 157
Renault – 2 081
Kia South Africa – 2 062
Haval Motors SA – 1 730
Mahindra – 825
BMW Group – 635
Stellantis – 530
Mercedes-Benz SA – 454
Daimler Trucks and Buses SA - 428