KUZOBA ngokokuqala ngqa emlandweni womncintiswano wemoto yonyaka i-2021 South African Car of the Year ukuthi kube khona namavoti omphakathi.
Ngokujwayelekile kulo mncintiswano osuneminyaka ukhona kujaja izintatheli zezimoto ezingamalungu agcwele enhlangano iSouth African Guild of Motoring Journalists.
Kulo nyaka kwakhiwe umunxa omusha iMotoring Enthusiast's Choice Trophy lapho imoto ezonqoba iyobe ikhethwe umphakathi ngamavoti.
Abavotayo bazozibeka ethubeni lokuhlomula ngomklomelo wokuyofunda i-Advanced/Defensive Driver Training kanjalo ne-4x4 Off-Road Driver Training.
Ukuvota kungenwa ku: https://survey.app.do/sa-car-of-the-year-2021 kanti kuvalwa ngo-5 ntambama ngoJuni 11.
Izimoto ezivotelwayo yilezi:
Audi A4
BMW 4-series
Hyundai Grand i10
Hyundai Venue
Hyundai i30 N
Hyundai Creta
Kia Seltos
Land Rover Defender 110
Mazda CX-30
Mercedes-Benz E-Class
Mercedes-Benz GLA
Opel Corsa
Peugeot 2008 SUV
Porsche Taycan
Porsche 911 Turbo S
Suzuki Vitara Brezza
Suzuki S-Presso
Toyota Corolla Sedan XS and XR
Toyota Starlet
Toyota Hilux
Toyota Land Cruiser Prado
Volkswagen T-Roc
Volkswagen Caravelle