ZIMENYEZELWE izimoto ezingu-39 ezibanga isicoco sokuqokwa njengemoto yonyaka emncintiswaneni i-2022 SA car of the Year.
Lez zimoto zethulwe kuleli phakathi kukaMashi 31 noDisemba 31 ka-2021.
USihlalo wekomiti lomncintiswano ohlelwa yiSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ), uGraham Eagle, uthe iCovid-19 yenze bashintsha indlela umncintiswano owenziwa ngayo.
Kuvele ukuthi amajaji azokwahlulela izimoto bese ethumela amavoti awo futhi imoto enqobile izomenyezelwa ezinkundleni zokuxhumana maduze.
Izimoto ebezisembangweni bezingu-65 njengoba sezincishiswe zaba ngu-39 nje.
Amajaji angu-25 ayizintatheli zezimoto angamalungu eSAGMJ azoqhubeka nokwahlulela izimoto ngokweminxa ezikuwo.
Iminxa ekhona ngoweBudget, Compact, Compact Family, Midsize, Premium, Luxury, Performance, New Energy, Adventure SUV ne-4X4 Double Cab
Izimoto ezingu-39 ezisembangweni yilezi: