SEKUMI ngomumo ngomcimbi wokudlalwa kwezimoto iMsinga Driftkhana ozoba seMphelankani, eMsinga ngoMgqibelo ngoJuni 19.
Kulo mcimbi owaqala ngo-2012 abashayeli basuke beshaya izidudla bechusha nasemapalini igymkhana ne drifting.
Ukubhebhetheka kweCovid-19 kwaphoqa ukuthi ngonyaka odlule ungabi khona njengoba usukhuza ibuya nje.
"Namanje ubhubhane lusekhona kodwa sithathe isinqumo sokuthi ake sizame kulo nyaka ngoba nakhu kukhona ukuxegiswa kwemithetho okuncane ukuze abantu sibakhumbuze ukuthi lo mdlalo usekhona," kusho umsunguli wawo uSmanga Mabaso.
Uthe isibalo sabantu abazovumeleka enkundleni sizoba sincane ukuze sihambisane nemithetho ebekwe nguhulumeni.
"Abantu abafike ngesikhathi ekuseni ukuze sisheshe siqale futhi siqede isikhathi sisavuma," kusho uSmanga.
Uthe kuzobe kukhona uMagesh Ndaba, Reece, Team Numbi, Kokstad Team, Cici, Mongezi Tembe, Andile Majola, Msinga 4Pipe Convoy nabanye futhi kuzoba nabaculi abahlukene.
Uthe abantu kumele basheshe bafike ngoba bafuna kushaye u-8 ebusuku sebeqedile.
Msinga Driftkhana is growing every year🔥 pic.twitter.com/0tEW0i62SB
— Sizwe Sama Ngcolosi. (@BathuNgcolosi) September 25, 2018
Amathikithi aqalile ukudayisa eComputicket kanti ngokwewebsite yakhona kuvela ukuthi asephelile akaR100 sekusele aweVIP abiza uR700 naweVVIP abiza uR1500.
"Sizamile ukuthi kulabo abangeke bakwazi ukuba khona bawubuke besemakhaya ezinkundleni zokuxhumana ekhasini iMphelankani_Msinga."
Uthe inhloso yabo ukuheha izivakashi ukuze zize eMsinga zitshale imali.
"Siyafisa ukuthi indawo imaketheke njengendawo yezokuvakasha ngoba manje umgwaqo usuvulekile sekuyahambeka sifuna ukuheha abavakashi."