IMOTO: GWM HAVAL H7
BAYISUSA nethayi kwaGWM ngo-2025 njengoba bevula unyaka ngokuletha iHaval H7 yokuqala ngqa nokuzothi ngokuhamba konyaka kulandele ezinye izimoto.
Le nkampani iyaziwa ngamaSUV ayo edlisa ngawo okuyiJolion neH6. Empeleni iH7 yakhelwe phezu kwesisekelo sayo iH6.
Ngokuhamba konyaka iH6 entsha izolandela, iTank 300 enenjini kadizili, H7 eyi-hybrid kanjalo neveni iP300.
Njengoba nezinombolo zizisho, iH7 ingena ngaphezu kweH6 ngokwentengo nangobukhulu.
Ezithombeni ibukeka ngathi incane kodwa uma usondela eduze inkulu, ikakhulukazi ngaphakathi.
Ngaphambili ishaya ngamalambu angamaLED ayindilinga inamarimu angu-19 inch, ama-roof rails kanjalo ne-panoramic sunroof okhakhayini okuyizinto eziphelelisa indlela ebukeka ngayo ngaphandle.
Ihlukene ngemibala emine ebizwa ngoHamilton White, Sun Black, Grey no-Orange.
Noma zingafani ncimishi kodwa ukubukeka kwayo kungikhumbuze iToyota FJ Cruiser.
KwaToyota njengamanje ngingathi yiRav4, Nissan X-trail nezinye.
Ubude bayo bungu-4 705mm kuthi ububanzi bube ngu-1 908. Igabade ilishiye ngo-210mm.
Uma ungena ngaphakathi ubukhulu bayo ububona kahle ngoba kungekho noyedwa ongakhala ngokumpintsheka kwazise inodedangendlale wesikhala ngemuva.
Enye into enkulu yi-screen se-infotainment esingu-14.6 inch kanjalo ne-instrument cluster engu-12.3 inch.
Kwi-infotainment uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, iveza ingaphandle uma upaka, udlala umculo nokunye.
Abagibeli bahlala ezihlalweni zesikhumba, ezangaphambili okwazi ukuzibandisa enhlotsheni ebizwa ngeSuper Luxury. Impahla ebhuthini inesikhala esingu-483 litres okuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 362 litres.
I-H7 le ihamba ngenjini eyaziwayo kwezinye izimoto zale nkampani engu-2.0 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-170kW ne-torque engu-380Nm. U-gearbox uyi-9 speed dual-clutch transmission.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-2WD neyi-4WD enama-drive modes ahlukene ne-diff lock ngemuva.
Edonsa ngamasondo amabili bathi idla amalitha angu-8.1 ngo-100km kuthi eyi-4WD yona idle 9.1l/km.
Siyivivinya eGoli kuleli sonto yethulwa ibizwakala ihamba kahle emgwaqeni. Siyifaka emgwaqeni ovulekile ngiyibone idla wona lo-9.1l/100km abawushoyo. Uma udlula enye imoto kumele uzinike isikhadlana ngoba inokubambezeleka kancane uma unyathela amafutha ngaphambi kokunyusa isivinini.
Kwezokuphepha nezinsiza zomshayeli bayifake ama-airbag ayisithupha, adaptive cruise control, amakhamera aveza wonke umzimba, nokunye.
Intengo:
•GWM HAVAL H7 2.0T Luxury 9DCT – R601 950
•GWM HAVAL H7 2.0T Super Luxury 9DCT 4WD – R671 950
Ezolandela ngohhafu wesibili wonyaka:
•GWM HAVAL H7 1.5T Super Luxury DHT Hybrid – R730 950
Zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa, service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000 kuthi i-hybrid kwengezwe eyeminyaka emihlanu noma u-150 000km yebhethri.