YIZE izimoto sezifakwe ubuchwepheshe obuningi obengeza ezokuphepha kodwa abashayeli abaningi abazi ukuthi obunye babo abenzi lutho uma bungasetshenziswa ngendlela efanele.
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe lokhu kusho ukuthi abantu kumele babuqonde kahle ubuchwepheshe bezimoto zabo, ukuthi benzani nokuthi yini okumele yenziwe ukuze busebenze kahle.
Ibhande nama-airbag
"Ama-airbag awakwazi ukusebenza kahle ngaphandle kwebhande. Ezimotweni eziningi ezinawo izoqhubeka ifutheke uma ishayisa. Ngenxa yalokhu, izokushaya ngesivinini esilinganiselwa ku-300km/h uma ungalifakile ibhande. Ezimotweni ezintsha kwenziwa ucwaningo olucisha ama-airbag uma imoto izwa ngathi ibhande alifakiwe. Ukungalifasi ibhande kungenza ama-airbag abe yingozi noma angasebenzi nhlobo," kusho uHerbert.
Adaptive cruise control nejubane
I-Adaptive cruise control (ACC) yinto eseyintsha eNingizimu Afrika.
"I-ACC yi-cruise control ethuthukile, esebenzisa amasensa ukubala nokugcina ibanga olikalile phakathi kwakho nemoto oyilandelayo. Yenza singabi khona isidingo sokulokhu ubhreka. Ucwaningo lwakamuva kodwa luveza ukuthi abashayeli bathanda ukushayela ngesivinini esiphezulu uma beyisebenzisa. Lokhu kubabeka engcupheni yokuthi bafe engozini ngoba bayagijima. I-ACC yengeza ukuphepha kodwa ayibuqedi ubungozi bokushayela ngesivinini. I-MasterDrive ayikugqugquzeli ukuthi uyisebenzise uma lina."
Autonomous technology nemvelo
Izinto ezifana nokuthi imoto izibhrekele yona uma kunengozi ngezinye zezinto ezibheke ekutheni izimoto zizihambele.
"Yinto eseyintsha kodwa ungayibona njengento yokuphepha engathembekile uma ungaqondi ukuthi isebenza kanjani. Azifani. Ezinye zisebenza uma uhamba ngesivinini esiphansi, ezinye kusona sonke isivinini. Ungacabangi ukuthi zisebenza ngendlela efanayo. Zijwayeze ukuthi imoto yakho inani nokuthi kusebenza kanjani."
Uthe kusazothatha isikhathi ukuthi izimoto ezizishayelayo zibe khona eNingizimu Afrika ngoba zifuna imigwaqo edwetshwe kahle yagqama.
"Namasensa angavele azithele phezu kwezinto ezingenabo ubungozi njengamahlamvu angenza imoto yakho izibhrekele ngamandla."