UMA usesimeni esingesihle semali, kuyenzeka ungene enkingeni yokungakwazi ukukhokhela isitolimende semoto yakho, bese ugcina uzifaka enkingeni enkulu ekubeni uthi uyasizakala. Kokunye abantu abathunywa ngamabhange, bavela kuwe sengathi bayakusiza kanti bayakuqola futhi ugcina wenza izinto ezingekho emthethweni.
Kuvela ukuthi baningi abantu abanezikhalo ngababathembisa ukubasiza kanti bayabaqola.
“Kunomuntu osanda kubhala ethi ngesikhathi somvalelandlini akakwazanga ukusebenza ngemoto ethutha abantu, wagcina esalela ngemuva ngesikweleti. Kuthe sekwehle imigomo waqhubeka wasebenza wabe esekwazi ukukhokhela imoto,” kusho onolwazi ngalo mkhuba.
Uqhube wathi lona wesilisa ube esebona kutheleka abantu bethi bathunywe yibhange ukuzodla imoto ngoba isenesikweleti.
“Uthe uma ekhuluma nabo bathi akakhokhe isamba esithile kubo, ukuze bezomvikela ingashaqwa imoto. Ngenxa yokuxakeka naye ube eseyikhipha imali base bethi akashintshe i-number plate yemoto, ukuze ibhange lingayiboni. Babuye bathi bazomnika i-logbook uma ekhokha esinye isamba, okuyosho ukuthi akasakweleti.”
Uthe lokhu kwenziwa ngabantu abenza ubugebengu. Ube esekhipha nawa amathiphu:
•Ngesikhathi somvalelandlini amabhange amaningi ayenika amakhasimende awo isikhathi sekhefu ekukhokheleni imali yesitolimende. Lokhu kwakuhambisana nezinyanga ezithile ababezibekile. Yize isikhathi sesihambile, kubalulekile ukuthinta ibhange lakho, uthole ukuthi ungakwazi yini ukuthola usizo ngoba waba nokuphazamiseka emalini ngenxa yomvalelandlini. Amanye amabhange ayenyusa iminyaka yokukhokhela imoto, ukuze lezi zinyanga zomvalelandlini zidluliselwe phambili. Lokhu namanje kuyenzeka uma ufaka isicelo sakho esiya ngqo ebhange.
•Uma kufika abantu abathunywe yibhange, ngisho kuthiwa uyaqinisekisa ukuthi bathunywe yilo ngempela ibhange, akuvumelekile bathathe imali kuwena. Uma unayo imali yokukhokhela leyo osele ngayo ngemuva esikweletini, kumele uyifake kwi-akhawunti yebhange ngqo, bese ubeka i-deposit slip ezoba wubufakazi uma kwenzeka kuba khona inkinga.
•Uma ushintsha i-number plate emotweni yakho, lokhu akusizi ngoba uma ibhange lithumela ababheka abangakhokhi, lisebenzisa iNATIS yoMnyango wokuThutha. Uma ushintsha i-number plate, ishintsha kuyo iNATIS okusho ukuthi akukusizi ngoba le number plate entsha nayo izovela kulabo abafuna izimoto ezingakhokhelwa.
•Okokugcina, i-logbook itholakala kuphela uma ibhange selikhiphe incwadi eshoyo ukuthi ususikhokhele wasiqeda ngokugcwele isikweleti semoto. Uma uthola leyo ncwadi, ibe isihambisana ne-logbook ekhombisa lona ibhange ukuthi lingumnini wemoto. Ube usuyisa eMnyangweni wezokuThutha, noma komasipala abaneminyango yezokuthutha. Uma ubanika lezi zincwadi ezihambisana ne-yellow form (ifomu yokushintsha ubunikazi) esayinwe ngumuntu wasebhange, wafaka nekhophi kamazisi wakhe, ube usuthola i-logbook entsha esegameni lalowo obeyikhokhela imoto. Iyona kuphela indlela othola ngayo i-logbook, okusho ukuthi uma ukhokhela umuntu othi uzokwenzela, uzokuqola imali bese ibhange liyayithatha imoto ngoba uzobe ungasayikhokheli.