UKUBUYELA ekushayeleni ngemuva kwesikhathi ukade wagcina kungaba yinto enzima kwabanye.
I-Arrive Alive ithe abantu abaningi bagxila ekunakeni imoto ngemuva kwesikhathi ikade yagcina ukuhamba bakhohlwe ukuzibheka bona.
Ithe ziningi izizathu ezingenza abantu bahlabe ikhefu ekushayeleni okubalwa kuzo ukusaba, ukungabi naso isidingo sokushayela, ukuya phesheya lapho behamba khona ngezithuthi zomphakathi noma ukululama ngemuva kokugula.
Iqhube yathi abanye bayakugwema ukushayela ngemuva kokuba sengozini nokubenza babe novalo.
Ithe labo bashayeli kumele babone abazobaluleka ngokwengqondo, bazame ukushayela emigwaqweni engenaso isiminyaminya baze babuyelwe wukuzethemba, nokuthi bashayele behamba nomunye umuntu.
“Ukubuyela ekushayeleni ngemuva kokuhlaba ikhefu kungaba yinto enzima. Akulula ukuthi uqhubeke lapho ugcine khona njengokushova ibhayisikili,” kusho i-Arrive Alive.
Ithe kubalulekile ukuthi ufunde imithetho nokujwayela imigwaqo okungenzeka ukuthi isishintshile ngesikhathi usahlabe ikhefu.
Ikhiphe amathiphu angasiza abashayeli:
- Yenza isiqiniseko sokuthi uyayazi imithetho yomgwaqo
- Uma ushayela imoto yazi kahle ngokufunda iphephabhuku elichaza ngayo
- Hlela kahle izibuko nesihlalo.
- Qaphela lapho uhamba khona.
- Uma ukade wagcina kuhle ukushayela endaweni engaphithizeli uze ujwayele.
- Gwema izinto ezingase zikuphazamise.
- Ukushayela nomuntu omjwayele kunganyusa ukuzethemba kwakho kodwa khumbula ukuthi kungenzeka akufakele ingcindezi.
- Ungaziphoqi ukuhamba emigwaqweni nasezimeni zomgwaqo ongakhululekile kuzo.
- Zama ukushayela zonke izinsuku unyuse kancane ibanga olihambayo.
- Zama ukushayela ngezikhathi ezingafani zosuku nasebusuku ukujwayela umthamo wezimoto.
- Uma uzwa uhluleka, paka endaweni ephephile uzame ukwehlisa umoya.
- Kuhle ukubuyela esikoleni esizokufundisa kabusha.