UMA uthenga imoto, injabulo isuke ichichima, ungekho umcabango wokuthi kungenzeka ngelinye ilanga ungabi namandla okuyikhokhela zinyanga zonke.
Kokunye kuyenzeka kube ukuthi umuntu akasayithandi.
“Abanye bacabanga ukuthi yinto elula ukuyibuyisela imoto emuva ebhange uthi awusakwazi ukuyikhokhela, bayithathe bese siphela kanjalo isikweletu,” kusho ungoti ozazi kahle lezi zindaba.
Uthe akulula ngaleyo ndlela ngoba kunemigomo elandelwayo uma usuyibuyisela emuva imoto ebhange.
Uthe nakhu okwenzekayo uma ubuyisela imoto emuva:
•Uthinta ibhange ulazise ukuthi awusakwazi ukuqhubeka nokukhokhela imoto ngezizathu ezithize. Yibhange kuphela olazisa ngalesi simo, awuyi egaraji lapho wayithenga khona noma uye kulabo abadume ngokwenza okubizwa ngokuthi yi-take over, okuwukuthatha imoto bafune umuntu ozoyikhokhela.
•Ibhange libe selikwazisa ngendawo ozoyisa khona imoto ukuze ithathwe ibuyele ngakulo. Kokunye ibhange lithumela umuntu ozolimela azothatha imoto. Kubalulekile ukuthi lowo okhuluma naye ebhange akubhalele kwi– email ukuthi ngubani ozofika (igama nesibongo ngokuphelele), nenombolo atholakala kuyo. Uma uthintwa ngocingo omunye umuntu ongazange abikwe yibhange, ungayidedeli ngoba kukhona abenza umkhonyovu wokuqola izimoto ezibuyiselwa emuva bazithathe ngokungemthetho bazidayise.
•Qinisekisa ukuthi lowo ozolanda imoto uphethe amaphepha ebhange owagcwalisayo usayine ukukhombisa ukuthi usumnikile imoto. Imininingwane yemoto ngokwamaphepha kumele ihambisane neyemoto oyiphindisela ebhange (VIN Number, model, registration number). Kumele ugcwalise ukuthi imoto ikusiphi isimo ngesikhathi beyithatha – isimo somzimba, isimo samathayi nebanga elihambile.
•Thola kowasebhange ukuthi imoto ikweleta malini ngokucela i-settlement figure.
•Ibhange libe seliyisa kwi-auction lapho idayiswa khona esidlangalaleni bese ithengwa ngobeka imali enkulu kunabo bonke abaqhudelanayo. Kubalulekile ukuthi uzame ukuthola imininingwane eqinisekisiwe ukuthi idayiswe ngamalini ukuze ungaqolwa. Abanye baze bathumele umuntu ozoya khona ngemuva kokubuza ebhange ukuthi izodayiswa nini futhi nakuphi.
•Imali edayiswa ngayo esidlangalaleni ibe isiqhathaniswa ne-settlement figure ekhomba ukuphela kwesikweletu. Uma imali edayiswe ngayo ibe ngaphezulu kwe-settlement, ibhange lithatha imali yalo bese likunika esele. Uma imali ibe ngaphansi, wena nebhange nenza isivumelwano sokukhokhelana ngezinyanga, ozokwazi ukusimela ngokwephakethe lakho. Lesi sivumelwano singathatha iminyaka uze uqede ukuyikhokhela ngokugcwele uqeda isikweletu.
Kubalulekile ukwazi ukuthi uma imoto uyiphindisela emuva kuyavela emlandweni wakho wokukhokhela izikweletu (credit record) kodwa akulimazi njengakulowo ofihla imoto engayikhokheli elokhu ebalakela ibhange ngisho esethole umyalelo wenkantolo othi ayibuye imoto.
“Kuwubuhlakani ukubona kusaqala uma usuzwela ukuyikhokhela bese uyiphindisela emuva. Ukhumbule isisho esithi “ukuhlehla kwenqama akusho ukubaleka kodwa idonsa amandla”. Nawe uma uyibuyisela emuva, usuke wenzela ukuphefumula ngokwemali bese ubuya ngamandla uma sekulungile.”