IMOTO: MINI JOHN COOPER WORKS CLUBMAN
UMA kubalwa izimoto ezincane ezinamandla igama leMini John Cooper Works Clubman linakho ukusala ngaphandle.
Izimoto ezifika kuqala yiVW Golf R, Audi S3, Mercedes-AMG A35 nezinye kodwa bengayibali le moto ekubeni ngokwezinga namandla ungaziqhathanisa.
IMini JCW Clubman iphethe injini engu-2.0 litre turbo efuqa amandla angu-225kW netorque engu-450Nm. La mandla angaphezulu ngo-55kW/100Nm uma uyiqhathanisa nendala. Ayenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.9.
Uma uyinyathela uyizwa lapha ko-4 100rpm iqhuma uma ishintsha igiya kuhle kweVrrr Pha. Amandla abakhuluma ngawo uyezwa ukuthi yinto ekhona ngoba indlela iyayicela. Uma uyifaka kuSport uzwa isiteringi sithi ukuqina mbijana kube ukusithinta nje uzwe ikhala liya lapho uyikhomba khona. Emakhoneni usuke ukhululeke ngaphakathi noma uya ngesivinini kwazise idonsa ngawo wonke amasondo futhi ine-mechanical differential lock ngaphambili kodwa uma kunesidingo sokuma, amabhreki nawo abamba ngokushesha.
Ngaphandle kukaSport kukhona noMid ofana noComfort kwezinye izimoto okuyiwo ongahamba ngawo nsukuzonke noma uGreen uma ufuna yonge kuphethroli.
Noma ungayifaka kuphi kodwa iyazwela emabhampini iqinile namasondo angu-19 inch.
Ugearbox uyi-8 speed Steptronic futhi uyayazi into oyenzayo kodwa uma uthanda akhona amapedal shifters okuzishintshela.
Ngaphandle bobumnandi bokuyishayela kodwa iyimoto ongaphila nayo. Inesikhala ngaphakathi. Inezihlalo zesikhuba, izipikha zeHarman Kardon, Head-up Display, LED headlamps, touch display oxhuma iselula nge-Apple CarPlay, sunroof nokunye.
Intengo:
R742 000
Ifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.