IMOTO: VOLKSWAGEN KOMBI T6.1
UMA uhamba ngemoto ikakhulukazi ibanga elide ufisa ngathi ungahlala ngokukhululeka ukuze ungabanjwa nkwantshu, ufike umzimba usewumqemane.
Ongoti bathi hlaba ikhefu lemizuzu engu-15 njalo ngemuva kokushayela amahora amabili. Kodwa uma ningahleli kahle emotweni amahora amabili angagcina eseyinto ekude kakhulu. Izimoto ezifana neVW Kombi, esibizwa ngeTransporter, zenza umshayeli nabagibeli babe nesikhala esanele. Akusiyo yodwa kodwa kunezimbangi ezifana neFord Tourneo Connect neHyundai H1, okuzokwethulwa imoto engena esikhaleni sayo maduze.
Kulo nyaka bayithuthukisile ngokuyishintsha ngaphambili namalambu bese kuthi eceleni iqoshwe igama layo. Esihamba ngayo yengezwe ama-fog lights ngaphambili owafaka uma uthanda futhi inamarimu angu-17 inch. Ngemuva ine-towbar bese iba nekhamera esiza uma upaka.
Ukungena ngaphakathi njengomshayeli kuthanda ukuba nzima ngenxa yokungabi khona kwesibambo nokugcina, kwenze ukuthi ubambelele ngesiteringi. Isiteringi leso esiyisikhumba sisha futhi sinamabhathini. Okumnandi ngokuba sezihlalweni zangaphambili ukuthi kunezindawo zokuphumuza izingalo bese niyaphakama, umgwaqo niwubone kahle.
I-infotainment system yayo kulula ukuyisebenzisa futhi ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Izimbobo zokushaja nge-USB zimbili ngaphambili futhi ziyiType C.
Umshayeli nomgibeli wangaphambili akubona kuphela abantu abahlala ngokukhululeka kodwa nabagibeli bangemuva bahlala kahle. Nigcina niyisishiyagalombili ngaphakathi.
Lapho efike ishode khona, ukungabi khona kwezindawo zokubeka iziphuzo nokuyinto oyithola kwiCaravelle engaphezu kwayo.
Injini ehamba ngayo ingu-2.0 litre TDI enamandla angu-110kW ne-torque engu-340Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-7 speed DSG. Intofontofo emgwaqweni futhi ithule ngaphakathi.
Noma ngabe ilayishe yagcwala, amandla inawo futhi u-geabox ushintsha ngesikhathi esifanele. Ngo-100km ibidla amalitha kadizili angu-8.4 ethangini layo elingu-80L. Ngihambe amakhilomitha angu-756 sekusele angu-100 ngaphambi kokwetha futhi nokuyinto enhle.
Ngaphezu kokuyisebenzisa njengomoto yomndeni kodwa ungaphinde uyenze eyebhizinisi lokuthutha abantu.
Ezokuphepha zihlanganisa ama-airbag, iyabika uma kwehla umoya ne-post collision braking.
Intengo:
Trendline 2.0 TDI 110kW DSG ...R740 500
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.