IMOTO: FORD RANGER STORMTRAK
YIZE sekuphele iminyaka engu-10 iFord Ranger ikhona emakethe kodwa kwaFord basaqhubeka nokuyenza ihehe ngokwethula izinhlobo zekhethelo.
IRanger yakhiwa efemini yakwaFord eseSilverton, ePitoli, bese kuthi izinjini zenziwe eStruandale, eGqeberha.
Kule femu sekwakhiwe amaRanger angaphezu kuka-723 000 kusuka ngo-2011 bese edayiswa kuleli (kudayiswe angaphezu kuka-232 000) nasemazweni aphesheya.
Ngonyaka odlule kwethulwe eyekhethelo iRanger Thunder, kwadayiswa angu-2 033. Kulo nyaka kwenziwe iXL Sport kwase kulandela iFX4.
Manje sekwethulwe iStormtrak okungeyekhethelo engena esikhaleni seThunder. Isuselwe kwiWildtrak engena ngaphansi kweRaptor okuyiyo engumakhonya emndenini.
Uma ungakezwa, iRanger entsha ilindeleke ngonyaka ozayo.
IStormtrak ifika namarimu amnyama angu-18 inch, imihlobiso emnyama ephicwe ngayo emzimbeni, ama-roof rail amnyama, umbala omusha abawubiza ngoLucid Red bese iba nento engiyithandile, okuyikhava yesikhenke evuleka futhi ivaleke ngogesi. Kunebhathini khona esikhenkeni, elingaphakathi ngakumshayeli noma elikukhiye, wonke enza into efanayo.
Ngaphakathi iWildtrak yabe isihluka ngokuqoshwa igama layo ezihlalweni nezitishi ezibomvu.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litre BiTurbo efuqa amandla angu-157kW ne-torque engu-500Nm. Isebenzisa u-gearbox oshintsha buthule oyi-10 speed auto.
Indlela ehamba ngayo ungathi yiSUV futhi nezinto enazo ngaphakathi yizinto ongazilindela ezimotweni ezincane.
Phakathi kwazo kubalwa iSYNC®3 infotainment system enenkombandlela, Apple CarPlay/Android Auto nekhamera ngemuva. Inezimbobo zokushaja amaselula ezimbili ngaphambili, Adaptive Cruise Control (ACC) eneForward Collision Alert, Autonomous Emergency Braking (AEB), Lane Keeping Alert neLane Keeping Aid kanjalo neDriver Alert System.
Intengo:
4x2 - R790 300
4x4 - R846 500