IMOTO: BMW M240i xDrive
AKUKAPHELI sikhathi esingakanani iBMW 2 Series entsha ifikile eNingizimu Afrika futhi okuyiyona ehleli esicongweni somndeni okwamanje yiM240i.
Iyoze igudluke mhla kwafika iM2 okumanje kusavela amahemuhemu ngayo.
Le M240i entsha ihluke kakhulu kunendala hhayi kuphela ngendlela ebukeka ngayo kepha nangendlela ehamba ngayo emgwaqweni.
Oyibona esithombeni inombala omusha ongathi u-purple obizwa ngoThundernight metallic owenza ungayishalazeli kepha uyiphe amehlo.
Inamalambu eLED ngaphambili nangemuva. Bayengeze namaM Performance Parts afaka udebe lwecarbon ngaphambili, izibuko emaceleni, amasondo amarimu angu-20-inch emasondweni, i-spoiler ngemuva ne-diffuser futhi umbhalo osezinhlangothini uyakukhumbuza.
Ngesikhathi iqala ukubonakala ezithombeni kwakukhona ababenganeme ngendlela ebukeka ngayo kepha ngokwami yinhle. I-grille yayo emnyama ngaphambili iyavaleka iphinde izivule ukuze ingenise umoya enjinini.
Ngaphakathi ungathi yi-3 Series noma i-4 Series yakwabo. Ine-touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo. Udlala imsakazo ngezipikha zeHarman Kardon. Kwi-digital instrument cluster engikuqaphelile ukuthi igama layo aliqoshiwe njengakwedlule nanjengakwezinye ezelamayo njengeBMW M440i.
Izihlalo zesikhumba zingezinye zezinto ezifika nayo ngaphandle kokwengeza imali futhi zikuhlalisa kamnandi zikweseke unganyakazi. Zihlelwa ngogesi. Uma umshayeli nahleli naye phambuli bebade, ababili abangena ngemuva soze bahlale ngokukhululeka ngoba akuyona imoto enkulu.
Isiteringi sesikhumba esigcwala isandla kamnandi naso awusengezeli mali futhi sinjalo sinamabhathini okulawula umsakazo kanjalo ne-Adaptive Cruise control.
Iphinde ibe ne-sunroof okhakhayini ne-head-Up Display.
Yize incane kodwa inkulu kunendala futhi isikhala sokufaka impahla uma ubuya esitolo awusisweli kwazise ibhuthi ingu-390 litres nokuyisikhala esikhulu kancane kunendala.
Ubukhulu bayo bulekelelwa nayakhelwe phezu kwesisekelo esibolekwe kwi-4 Series.
Okunye okuyenza ifane ne-4 Series, ikakhulukazi iM440i, yinjini yayo. Zombili zinenjini engu-3.0 litre six-cylinder turbopetrol enamandla angu-285kw netorque engu-500Nm. Uma ukhumbula endala yayino-250kW.
Ino-gearbox ozishintshayo oyi- eight-speed Steptronic Sport
Uthumela amandla kuwo womane amasondo. Njengakwendala, indlela enyusa ngayo isivinini ilula kakhulu ungabona usuvinjwa ngabomthetho. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.3. Uma ufuna ukusukisa okwenhlamvu uyifaka kuLaunch Control bese iyaqhasha futhi noma ususemgwaqeni ufuna ukudlula enye imoto masinya kuneSprint Function othi uma usebenzisa amapedal shifters yehlise amagiya masinya idonse amandla udlule ngokushesha.
Izinqawe ezingemuva aziwona umhlobiso ngoba ziduma kuzwakale.
Emgwaqweni iyabambelela ujika ikhona ungenavalo kodwa ayifuni uyizele ngobuso.
Engikuthanda kakhulu ngayo ukuthi intofontofo ungathi yiyo iM440i ngisho ngabe uyifake kuSport Plus. NeM440i yimoto yejubane kodwa engazweli kakhulu emabhampini. Nakuyo lena kungaba yimoto yakho yansukuzonke unganqeni ukuthi uzohamba ilokhu ikuxukuza njengakwendala yona eyayizwela.
Ukuya ezitolo nokuyipaka kulula ngoba ijika eduze futhi inamakhamera angaphandle. Iyakwazi nokuzihlehlela ibanga elingu-50 metres ngendlela ongene ngayo uya phambili.
Intengo:
BMW M240i xDrive – R1,062,420.00
Ifika ne-warranty neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.