KUKHUZA ibuya kuthelevishini uhlelo lwezimoto oluqoshwa KwaZulu-Natal, iMoto on TV, oludlala ku-1KZN TV (Dstv channel 261).
Lolu hlelo olubuya nesizini yesine luzoqala ngoMsombuluko ngo-7.30 ebusuku. Lwethulwa nguSiphesihle Myeni, Lawrence Nzama noSibonelo Myeni ophinde abe ngumdidiyeli omkhulu walo.
USibonelo uthe uhlelo lwabo luhlukile kunezinye ngoba lukhuluma ngakho konke okuthinta imboni yezokuthutha ngeSiZulu.
"Luhlukile ngokuthi sihlanganisa ulimi lweSiZulu nesiNgisi uma sethula ngezimoto ezintsha, seluleka ababukeli noma sibatshela ngazo zonke izinto ezithinta ezokuthutha," kusho uSibonelo.
Uthe ababukeli bazonikezwa ithuba lokuthumela imibuzo abanayo noma izinkinga zabo bese beyabaxazululela zona emoyeni.
"Asifuni nje ukuthi kube uhlelo lokujabulisa umbukeli kepha kumele afunde futhi asizakale enkingeni anayo. Okuhle ngale sizini ukuthi sesihamba nebhange iThala eselingene emkhakheni wokuboleka abantu imali yokuthenga imoto futhi linomshwalense walo," kuchaza uSibonelo ophinde abe nengosi ekhuluma ngezimoto kuKhozi FM njalo ngoLwesine ekuseni.
Uthe impinda yohlelo izobe isakazwa njalo ngoLwesithathu, uLwesine nangoMgqibelo.