IMOTO: CHERY TIGGO 8 PRO
INKAMPANI yaseChina, iChery, ingene iyagamanxa emakethe yezimoto eNingizimu Afrika, njengoba yethule imoto yesibili, iTiggo 8 Pro.
IChery South Africa, ibikhona eminyakeni edlule kodwa yabuye yanyamalala ngaphambi kokubuya ngoNovemba nyakenye ngeTiggo 4 Pro. Kusuka lapho sekudayiswe angaphezu kuka-900 futhi namagaraji asandile asengu-50, okubalwa nayisishiyagalolunye KwaZulu-Natal.
ITiggo 8 Pro iyavala kuwo wonke amaTiggo Pro futhi inkulu kanti ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Ingaphandle lakhiwe kahle futhi lidonsa amehlo ngegrille ephiciwe ngechrome. InamaLED headlamps namadaytime running light, amarimu angu-18 inch namalambu amaLED ngemuva.
Kuya ngenhlobo oyithandayo kodwa enye inamaroof rail kanjalo nepanoramic sunroof okhakhayini. Uma uvula isicabha ibhala uTiggo phansi, bese ubingelelwa yingaphakathi elenziwe kahle. Zonke izihlalo ziyisikhombisa ziyisikhumba. Uma uthinta idashboard nezicabha zithe ukuqinaqina, akuyona into engaguga ngokushesha.
Ngaphambili kunescreen se-infotainment system lapho kuvela iselula uma uyixhume nge-Apple carplay noma i-Android auto. Udlala nomculo oqhuma ezipikheni zeSony. Kuphinde kuvele ingemuva uma uhlehla okanye umzimba wonke kwazise inamakhamera ayivezayo.
Iphinde ishaye ngedigital instrument cluster lapho kuvela khona iminingwane ngohambo lwakho.
Okunye enakho kubalwa ukuyilawula ngephimbo uyitshele ivule noma ivale amawindi, ivule isunroof, ishintshe amazinga okushisa ngaphakathi nokunye. Iphinde ibe nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, izimbobo ze-USB ezimbili ngemuva neyodwa ngaphambili.
Ukwandisa isikhala, izihlalo zangemuva uyakwazi ukuzisondeza noma uzihlehlise futhi ezokugcina zilala mba, kwande isikhala sempahla.
Inenjini engu-1.6 litre turbo kaphethroli enamandla angu-145kW netorque engu-290Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed DCT. Ayikhalisi emgwaqweni ngoba amandla akhona, ayizweli kangako emabhampini yize ithe ukuqina kancane futhi nomsindo ngaphakathi uyabekezeleleka. Imandla kuphethroli lapho iphuza khona amalitha angu-10 kuya ku-10.5 ngo-100km.
Inenqwaba yezinto zokuphepha.
Intengo:
Chery Tiggo 8 Pro Distinctive – R496 900.00
Chery Tiggo 8 Pro Executive – R546 900.00
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, iroadside assistance yeminyaka emihlanu newarranty yenjini yeminyaka engu-10 noma amakhilomitha angu-1 million.