IMOTO: BMW 2 SERIES COUPÉ
IZIMOTO zakamuva zakwaBMW ziyakhulumisa, ikakhulukazi ngendlela ezibukeka ngayo.
Zifika negrille enkulu nokuyinto engekho kwi-2 Series Coupé entsha. Yize kunjalo kodwa ngesikhathi kuqala ukuvela kwezithombe zayo ngonyaka odlule, kukhona ababekhala ngokubukeka kwayo ikakhulukazi ngemuva. Ngokuhamba kwesikhathi zihamba zijwayeleke nokuyinto engiyibona izokwenzeka kule moto kwazise uma ususeduze uyibona ngelinye iso.
Ifika ngezinhlobo ezintathu okuyi-220i, 220d neM240i xDrive.
I-220i inenjini engu-2.0 litre kaphethroli enamandla angu-135kW netorque engu-300Nm. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.3 kanti ukusuka ku-0 iye ku-100km/h yimizuzwana engu-7.5
I-220d yona inenjini engu-2.0 litre kadizili enamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-7 kuthi ngo-100km idle amalitha kadizili angu-5.1.
Eyokugcina, iM240i xDrive, inenjini engu-3.0 litre efuqa 285kW netorque engu-500Nm. La mandla athe xaxa kunendala eyayino-250kW. Ayenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.3.
Ama-220 womabili adonsa ngamasondo angemuva, kuthi iM240i xDrive yona idonse ngawo womane.
Zonke zisebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi- eight-speed Steptronic Sport.
I-2 Series Coupé ithe ukuba nkudlwana kunendala yase iba mfishane.
Ifika namarimu angu-19 inch, amalambu eLED, izihlalo zesikhumba nesiteringi sesikhumba, digital instrument cluster, infotainment system ekwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Izinga ngaphakathi liphezulu futhi ibhuthi ingu-390 litres. Uma uthanda ufaka isunroof, izipikha zeHarman Kardon nokunye.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi izihambele ngesivinini osihlelile iphinde izinciphisele, isho uma kunobungozi ukushintsha umzila, amakhamera namasensor asiza uma upaka, Head-Up Display futhi iyakusiza ukuhlehla ibanga elingu-50 metres.
I-2 Series Coupé inoshesi we-4 Series oyenza ibe ntofontofo emgwaqeni. I-220d, okuyiyo engichaze kakhulu, ithule ngaphakathi, inamandla futhi iyonga. IM240i xDrive ikhafula amandla ngokushesha futhi uma unganakile uzithola usuhamba ngesivinini esikuqhatha namaphoyisa.
Intengo:
BMW 220i Coupé – R771,900.00
BMW 220d Coupé – R819,278.00
BMW M240i xDrive – R1,062,420.00
Zonke zifika newarranty neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.