IMOTO: MITSUBISHI XPANDER
LIKHULU ithemba lokuthi izothandwa ngabathengi bakuleli iMitsubishi Xpander njengoba kubo kwayo bethi ithengwa kahle kwamanye amazwe.
Le moto, engena esigabeni sama-multipurpose vehicle (MPV), yethulwe kuleli ngenyanga edlule ngemuva kwesikhathi yaqala ukudayisa kwamanye amazwe. Empeleni yethulwa ngo-2016 e-Indonesia nokuyilapho yakhiwa khona.
KwaMitsubishi bathi eminyakeni emibili edlule kube yiyona moto yase-Indonesia edayiswe kakhulu kwamanye amazwe kwazise kwahamba angaphezu kuka-64 000.
Lokhu nokuwina imiklomelo kwamanye amazwe kubanikeza ithemba lokuthi nakuleli izokwenza kahle, ngokusho kwesikhulu sakwaMitsubishi Motors South Africa, uNic Campbell.
"Sijabule kakhulu ngokwengeza iXpander ohlwini lwezimoto zakwaMitsubishi njengoba sikholwa ukuthi abantu bakuleli bazoyamukela kahle," kusho yena.
Imbangi yayo enkulu ejwayelekile yiToyota Avanza enentengo eqala ku-R291 400 uma kubhekwa i-1.5 SX.
Enye ongayifaka lapha yiHonda BR-V enentengo eqala ku-R292 000. Uma uthanda ungafaka neRenault Triber njengoba nayo ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Yiyona eshibhe kunazo zonke kodwa injini yayo incane, intengo yayo iqala ku-R183 900.
Ngakolunye uhlangothi iXpander yona iqala ku-R299 995 kuleyo enegiya elishintshwayo.
Ilayisha abagibeli abayisikhombisa njengalezi zimoto eyizimbangi nayo. Isikhala sikhona kuyahlaleka kodwa njengeningi lezimoto ezilayisha lesi sibalo sabantu, isikhala sempahla sincane uma izihlalo zimi zonke. Kusiza uma uzilalisile ukuze ube nesikhala esikhulu sempahla futhi uma ulalise nezaphakathi nendawo, siba sikhulu kakhulu.
Ngemuva kunezimbobo ze-aircon nokuyinto enhle kubagibeli basemuva. Ngaphambili inazo zonke izinto ozidingayo njenge-touchscreen infotainment system encane kodwa okwaziyo ukuxhuma iselula kuyo ngeBluetooth okanye i-Apple CarPlay futhi kuphinde kuvele ingemuva uma uhlehla njengoba inekhamera. Iphinde ibe namabhathini omsakazo esiteringini. Inamawindi kagesi, aircon nezibuko ezihlelwa ngogesi emaceleni.
Uma uyithinta ku-dashboard uyezwa ukuthi bebezama ukonga intengo kodwa akuyona into ekhalisa kakhulu.
Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-77kW ne-torque engu-141 Nm futhi isebenzisa u-gearbox oyi-four-speed ozishintshayo. Emgwaqeni ovulekile iyahamba ayinankinga futhi okumnandi akukho lapho ebengiyizwa ishintshashintsha khona amagiya kungenasidingo, ifuna elifanele. Uma kunyukela, uzoyizwa ibanga umsindo kwazise isuke isiyehlise amagiya. Emabhampini ayizweli kangako futhi lo gearbox wayo ozishintshayo uyenza ibe mnandi edolobheni lapho kunesiminyaminya khona ngoba asikho isidingo sokulokhu ushintsha.
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-7.0 ngo-100km kodwa kimi ibiphuza angu-7.8 ethangini elingu-45 litres. Sengihamba edolobheni kukhuphukele ku-9.2.
Ngakwezokuphepha bayifake amabhreki e-anti-lock braking system (ABS) ne-electronic brake force distribution (EBD) kanjalo nama-airbag omgibeli wangaphambili nomshayeli.
I-Xpander izishaya saSUV njengoba igabade ilishiye ngo-205mm. Inamarimu angu-16 inch, ama-fog lights namaLED taillights ngemuva.
Intengo:
Xpander 1.5L A/T: R319 995
Iphuma ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu.