IMOTO: HYUNDAI KONA
KUSUKELA ngo-2018 sekudayise amaHyundai Kona angaphezu kuka-1 700 eNingiizimu Afrika, ngokusho kwabakwaHyundai Automotive South Africa.
Lesi yisibalo abazimisele ngokusikhulisa ngokwethula ethuthukisiwe kanjalo nebingakaze ibe khona iN Line. IKona N, okuyinhlobo enejubane, bathi bazoyiletha ngokuhamba kwesikhathi.
"Sijabule ngeKona entsha, abakwaHyundai benze umsebenzi omuhle, ngendlela lena entsha ebukeka ngayo ikakhulukazi ngaphandle.
“Nangaphakathi bayenze yabukeka kahle futhi iN Line igqama ngendlela yekhethelo. Sibheke ukuthi ukuthengwa kweKona kukhule," kusho uStanley Anderson onguMqondisi wokuDayisa nokuSebenza kwaHyundai Automotive South Africa.
IKona ihlukene ngezinhlobo ezintathu nezenza indlela ebukeka ngayo nezinto enazo, nazo ziye ngokuhlukana. Kukhona i-2.0 Nu Executive, 1.6 T-GDi Executive ne-1.6 T-GDi N-Line
Ngaphandle izindawo ezishintshe kakhulu, yingaphambili nangemuva. I-grille ithe ukuvuleka kunakuqala. Kukhona amaLED daytime running lighs, skid plate ngezansi, ngemuva inamalambu amasha nobhampa omusha.
I-2.0 Executive ifika namarimu angu-17 inch bese kuthi ezinye izinhlobo zona zibe nangu-18 inch.
Imibala yayo ngaphakathi ihlukene kasithupha futhi uyakwazi ukuyithola inombala ongafani nowokhakhayi.
Ngaphakathi ine 8-inch infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Android Auto noma i-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo futhi ukwazi nokushaja ngaphandle kwentambo.
Kunezimbobo ze-USB ngemuva kanjalo ne-ambient lighting. I-2.0 Executive inezihlalo ezizishaya sasikhumba bese kuthi ezinye zibe nesikhumba esingu ngqo.
Ngaphandle kwalokhu nobuchwepheshe buphezulu ukuze kuphephe abangaphakathi. Kukhona iSmart Cruise Control eyenza ukuthi ukhethe ijubane ofuna ihambe ngalo bese iyalibamba futhi ibhreke uma kunemoto ephambi kwayo, iyakwazi ukubona uma kunemoto eseceleni futhi ibhreke uma uzama ukushintsha umzila, inekhamera ebuka umwaqo bese izijikisa isiteringi ihlale emzileni uma uphuma.
Iyakuxwayisa uma uzoshayisa umuntu noma enye imoto ngaphambili futhi ibhreke, iyasho futhi uma isola sengathi wena njengomshayeli usukhathele.
Okunye yi-Electronic Stability Program, Electronic Brake Force Distribution, Downhill Brake Control, Hill start Assist Control nama-airbag ngaphakathi.
Izinjini zihlukene kabili. Okuyiyo enamandla nengu-1.6 T-GDi enamandla angu-148kW ne-torque engu-265Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-7 speed dual clutch transmission. Enye itholakala kwi-1.6 T-GDi Executive ne-1.6 T-GDi N-Line.
Eyokugcina engu.2.0 engenayo iturbo enamandla angu-110kW ne-torque engu-179 Nm. Ifakwe u-gearbox ozishintshayo abawubiza nge-Intelligent Variable Transmission (IVT).
Intengo:
Kona 2.0 Nu Executive (auto) - R449 900
Kona 1.6 T-GDi Executive DCT - R499 900
Kona 1.6 T-GDi N-Line DCT - R579 900
Zonke izinhlobo zifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neRoadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.