IMOTO: FORD RANGER RAPTOR SPECIAL EDITION
UKWAKHIWA kwamaFord Ranger ekhethelo kudlulele nakweyokugcina iRaptor njengoba kwethulwe iRaptor Special Edition (SE).
IRaptor SE ilandela iRanger Thunder, XL Sport neStormtrak. Njengoba ingeyekhethelo, izokwakhiwa ngesibalo esincane.
Ifka nemibala okubalwa kuyo omhlophe, ogrey, oluhlaza okwesibhakabhaka nomnyama. Inolayini abayimhlobiso abanamekwe emizimbeni. Ngemuva kufakwe isports hoop esisuselwe kwiWildtrak yakwabo bese kufakwa neroller shutter ukuze umnikazi avikele impahla esikhenkeni.
Ngaphakathi inezitishi ezimbomvu ezihlalweni, ezicabheni sasesiteringini. Phambilini zaziluhlaza.Okunye kusafana. Igabade ilishiye ngo-283mm, inamasondo eGrabber AT3 anamarimu angu-17 inch futhi ikwazi ukudonsa isisindo esingu-2 500kg.
Injini ingu-2.0 Bi-Turbo enamandla angu-157kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-10 speed auto.
Intengo:
Ranger Raptor Special Edition - R965 300 (ejwayelekile Ibiza uR920 300)
Ifika neservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km.