KUBALULEKILE ukuthi abantu benze isiqiniseko sokuthi bayisa izimoto zabo kwisevisi ngaso sonke isikhathi ukuzigcina zisesimeni.
Ibhange elibolekisa ngemali yokuthenga imoto, iWesBank, lithe ukunakekela kuyasiza noma usuyidayisa ngenxa yokuthi akekho umuntu ofuna ukuthenga engenawo umlando oqondile wesevisi.
Yize lo mlando uhlukana ngemoto kodwa zonke izinkampani zinesikhathi ezisibekile okumele imoto iyiswe ngaso kwisevisi. Okujwayelekile ukuthi emva kwamakhilomitha angu-15 000 noma unyaka.
Kubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi abakwazi ukuzikhethela ukuthi imoto bayiyise kwisevisi ngesikhathi esithandwa yibona ikakhulukazi uma isene-warranty. Ukungayiyisi kwisevisi ngesikhathi esifanele kungakunika inkinga yokuthi kuphazamiseke i-warranty noma ibe nenkinga yokufa.
Kumele abantu bazijwayeze ukuyisa imoto yabo kwisevisi noma ngabe ayinayo iService plan.
Uma unenkinga yokuqonda ngokuyisa imoto yakho kwisevisi kubalulekile ukuthi ufonele igaraji owathenga kulona imoto ucele usizo ukuze ingakudluli.
Uma udinga lolu sizo qinisekisa ukuthi uhlala uneVehicle Identification Number (VIN) eduze kwakho okuyiyona abakwazi ukuyibheka ngayo kwiSystem ukuthi sekumele iye yini kwisevisi. I-VIN ikhona emotweni, iyatholakala nakwi-licence disc. Emotweni ivamise ukutholakala ekhoneni phansi kwi-windscreen.
Zintathu izindlela zokusevisa imoto:
-Kukhona ebizwa ngeBasic service okungukushintsha amafutha, oil filter, air filter nefluid checks. Le sevisi ivamise ukwenziwa emotweni emva kwamakhilomitha angu-10,000 noma angu-15,000 osuke uwakalelwe. Yize kunjalo kodwa kumele ubheke kakhulu iService book yakho okuyiyona ezokuchazela kahle noma ukhulume negaraji elikudayisele imoto.
-Eyesibili ibizwa nge-Advanced service. Yona isuke ibhekiswe emotweni esinamakhilomitha amaningana osuwahambile okungukushintsha ama-spark plugs, fuel filter, pollen (cabin air) filters kwezinye zezinto.
-Bese kubakhona iMajor service. Kule kusuke sekubhekwa izinto ezinkulu okumele zishintshwe njenge-timing belts / timing chains, nokuthi kuhlolwe yonke into ukuthi isesesimeni yini emotweni yakho.
Ukuyisa imoto kwiService kunika nomakhenikha ithuba lokuthi abheke nezinye izinto ezingasekho esimeni emotweni yakho ezingakunika inkinga. Lokho kumele ukufanise nokuthi uma ungumuntu ubuye uye kudokotela uyozihlola ukuthi konke kusahamba kahle yini.