IMOTO: AUDI RS 6 AVANT PERFORMANCE neRS 7 SPORTBACK PERFORMANCE
AMANDLA amawele i-Audi RS 6 Avant neRS 7 Sportback anyusiwe kwase kujotshelelwa ngo-performance ekugcineni amagama awo ukugcizelela lokhu.
Lezi zimoto ngizibiza ngamawele ngoba okuningi kwazo kuyefana ngaphandle kwendlela imizimba yazo ebukeka ngayo. I-RS 6 Avant Performance iwuhuntshu bese iRS 7 Sportback Performance yona ihluke.
Ezifana ngakho yinjini engu-4.0 litre V8 biturbo TFSI. Esikhathini lapho abaningi bekhuluma ngezimoto zikagesi kodwa abe-Audi bayenyuse amandla ngo-22 kW no-50Nm aba ngu-463 kW ne-torque engu-850 Nm.
Igearbox iyi-eight speed tiptronic.
Lokhu kwenza ukuthi isikhathi esithatha isuka iye ku-100km/h sinciphe ngemizuzwana engu-0.2 sibe ngu-3.4.
Okunye okwenza lokhu wukuthi isisindo sayo sinciphe ngo-8kg. I-RS 6 Avant Performance isingu-2,090 kg bese kuthi iRS 7 Sportback Performance yona ibe ngu-2 065 kg.
Kwa-Audi bathe ayikho enye indawo engcono yokwethula lezi zimoto ngaphandle kwaseKyalami Grand Prix Circuit, eGoli, kuleli sonto.
Yilapho kunombukiso i-Audi Driving Experience oqhukayo kule mpelasonto lapho amakhasimende ezofunda ngokushayela izimoto ezinamandla nezindlela zokuphepha ezimeni ezahlukene.
Ngiqale nge-RS 7 Sportback Performance engingasho ngithi iyithathile inhliziyo yami. Ukudumela phezulu kwayo, okungenye yezinto esezithuthukisiwe, kunkeneneza kamnandi ezindlebeni futhi kwenza uyizwe ukuthi iyagajima.
Uma ungaphandle ungathi yimamba ifuna ukuhlasela, ngendlela evele ilivuse ngayo ikhala bese ilehlisa uma udedela amafutha noma ubhreka.
I-RS 6 Avant Performance yona ngiyizwe idumela phansi okungasho ukuthi iwunwabu ngoba nayo iyashesha.
Amakhona ziwashaya kahle futhi ziya lapho uzikhomba khona. Kusiza ukuthi zidonsa ngawo womane amasondo. Kune-centre differential efaka i-torque emasondweni angemuva kakhulu.
I-Audi yethule iRS 6 Avant performance entsha. Injini isafana ingu-4.0-litre V8 biturbo TFSI kodwa amandla anyuke ngo-22kW/50Nm aba ngu-463kW/850Nm. Ibamba u-0-100km/h ngo-3.4 sec. Inamarimu amakhulu angu-22”, inciphe isisindo, nokunye. Ibiza u-R 2,332,700#AudiDrivingExperience pic.twitter.com/12SGuM5vZg
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) September 13, 2023
Okunye okwehlisa isisindo ngamarimu amasha angu-22 inch. Awagcini ngokwehlisa isisindo kodwa mahle ngoba avele agqame uma uyibuka ohlangothini. Ngaphandle zinemibala emisha okungenye yezinto ezengeziwe.
Ngaphakathi nakhona ubuhle bukhona lapho kunezihlalo ezinezitishi eziluhlaza okwesibhakabhaka, uma uthanda kanjalo namabhande. Ine-Audi virtual Cockpit engu-12.3 inch eyengezwe ekuvezayo nokunye.
Intengo:
Audi RS 6 Avant Performance: R2 332 700
Audi RS 7 Sportback performance: R2 444 500
Ihlanganisa i-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.