IMOTO: FORD MUSTANG
UKUHLANGANA kwemimyaka engu-60 kwaqala ukwakhiwa kweFord Mustang, kuqondane nokwethulwa kohlobo olusha eNingizimu Afrika.
IMustang yimoto enomlando futhi ebalulekile kwaFord. Ngale kokuthi isike yavela emafilmini kodwa bathi iyona-sports car edayisa kakhulu emhlabeni jikelele.
ENingizimu Afrika yethulwe ngoDisemeba 2015, ngohlobo lwesithupha. Phela kwaba yiyona eyokuqala ukuthi yakhiwe ishayelwa ngasesandleni sokudla.
Isikhulu sakwaFord Motor Company Africa, uNeale Hill, sithe kuleli sebedayise amaMustang angu-4 082. Ubale i-Audi S5, BMW M440i neToyota GR Supra njengezimbangi.
Ukusho lokhu eGeorge, ngesikhathi kwethulwa uhlobo olusha okungolwesikhombisa. Okwamanje balethe inhlobo eyodwa okuyiGT Fastback ezolandelwa yiDark Horse kungekudala.
Imoto enenjini engu-2.3 litre EcoBoost eyafika ngo-2015 ayilethwanga kulokhu. Yinto efanayo neyisilahla, uHill uthe uma abantu bezifuna bazoziletha kodwa babona kuthandwa kakhulu engu-5.0 litre.
Lo 5.0 litre akhuluma ngawo yinjini iCoyote V8 kaphethroli engenayo i-turbo. Ikhafula amandla angu-328kW ne-torque engu-540Nm. U-gearbox oyi-10 speed auto othumela amandla emasondweni angemuva.
Amandla ehliswe ngo-2kW ngoba eyaphambilini ibino-330kw ne-torque engu-529Nm.
Yize amandla ehliswe mbijana kodwa kuzobaduduza abathandi bayo ukuthi le njini isagciniwe ngoba ezinye izinkampani sezisheba ezazo nezikagesi.
Iyawubanga umsindo ngezinqawe ezine ngemuva kodwa okuhle wukuthi uyakwazi ukuwuvala ngebhathini uma uthanda. Uma usuwucimile izihambela buthule emgwaqweni uzwe ngomsinjwana omncane womoya ungena.
Uma usushintsha kuma-drive mode ayisithupha uyifaka mhlawumbe kuSport, nokuduma kuyashintsha kube phezulu nesiteringi no-suspension kuthi ukuqina mbijana.
Isisindo sesiteringi senza kube lula nokuyikhomba emakhoneni ngoba ijika ngokushesha futhi iyabambelela. Yize ibinokubhampa emigwaqweni engemihle kodwa bekungazweli kakhulu ngaphakathi.
Ayigcini kuphela ngokubanga umsindo ibe inganyakazi kodwa iyayicela indlela njengoba ijubane elikhulu bethi ligcina ku-250km/h.
KwaFord bathi idla amalitha angu-12.8, ngo-100km ethangini likaphethroli elingu-60.5 kodwa uma unonyawo lwangakwesokudla olusindayo, uzoba ngumngani negaraji ngoba ayinqeni ukuphuza mawala.
Inesivinini impela kodwa amaBrembo brakes abawafakile enza umsebenzi omuhle wokuyikhuza uma usufuna ime.
Enye into ezoheha abaningi wukuthi uma isifudumele kahle ucelwa ngabantu ukuthi ubazwise ipayipi obekuyinto ebiyenzeka siyivivinya eWestern Cape, asikho isidingo sokungena ngaphakathi ngoba uyakwazi ukuyidumisa ngokhiye bese uyayireva ngawo futhi.
Lobu ngobunye bobuchwepheshe efika nabo. Okuhle kuhlanganisa obusiza umshayeli nobezokuphepha okubalwa kubo ukuthi ibhreke uma izoshayisa, Adaptive Cruise Control, iyakusiza ukuhlala emzileni nokunye.
Ngaphakathi bayishintshe kakhulu kwi-instrument cluster ne-screen saphakathi nendawo. I-touchscreen infotainment system inkulu engu-13.2 inch ihlangana kahle ne-digital instrument cluster engu-12.4 inch.
Lokhu kunciphise amabhathini abekhona abambalwa njengoba awama-drive mode asehlala esiteringini.
Kumele uqale uzinike isikhashana sokujwayela ukuthi ukusetha kanjani ngoba kuningi okufakwe khona. Uyakwazi ukushintsha indlela i-instrument cluster ebukeka ngayo.
Kwi-infotainment system, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umculo ngezipikha zeB&O nokunye.
Kunezindawo zokushaja nge-USB neyokushaja ngaphandle kwentambo. Izihlalo ziyisikhumba kodwa kwezimbili zangemuva kungahlala izingane ngoba zincane.
Ngaphandle abayishintshakanga kakhulu kunendala kodwa iyawadonsa amehlo. Ukhetha emibaleni eyisishiyagalombili, ngaphambili inamaLED headlights, inamarimu angu-19 inch nezinqawe ezine ngemuva.
Intengo:
Mustang GT Fastback 5.0L V8 10AT: R1 300 000
Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, Roadside Assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka eemihlanu.