UKUQALA kokudayiswa kohlobo lweFord Ranger, iStormtrak ngaphambi kokuphela konyaka, kuzobe kusho ukuthi zingu-33 izinhlobo zamaRanger ezisemakethe kuleli.
IStormtrak yimoto yekhethelo njengeRanger Thunder, yakhelwe phezu kwesisekelo seWildtrak. Le Ranger ekhona isiya ngasekuphelelweni yisikhathi njengoba kulindeleke ukuthi kwethulwe entsha sha, ngonyaka ozayo nayo ezokwakhiwa khona eNingizimu Afrika efemini yakwaFord, eseSilverton.
"IRanger Thunder yamukelwa kahle kakhulu ngenkathi yethulwa esikhathini esingaphezu konyaka esedlul. Yakuveza kwacaca ukuthi sikhona isidingo sezimoto eziseqhulwini ezinakho konke kunezejwayelekile," kusho uDoreen Mashinini oyiMenenja jikelele kwezokumaketha kwaFord South Africa.
IStormtrak ihluke kwigrille ngaphambili lapho inombala obomvu khona, kuthi kubhampa ngezansi, nakubhonethi kube nemihlobiso emnyama kanti amaroof rails amnyama kanjalo namarimu acwebezelayo angu-18 inch.
Esikhenkeni kunepower roller shutter esiza ukuvikela impahla. Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba ezinezitishi ezibomvu futhi kubhalwe Stormtrak. Ifika neSYNC®3 infotainment system enenkombandlela, Apple carplay ne-Android auto. Iphinde ibe neFordPass eyenza ukuthi ukwazi ukuyilawula ngeselula njengokuyidumisa, ukuyikhiya nokunye.
Injini ngejwayelekile engu-2.0 litre Bi-Turbo enamandla angu-157kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-10 speed ozishintshayo.
Intengo izoqinisekiswa uma isiyethulwa ngaphambi kokuphela konyaka.