IMOTO: SUZUKI XL6
IYIMOTO efanele umndeni futhi ibukeka izothandwa ngabaningi iSuzuki XL6 eyethulwe eNingizimu Afrika, ukuzoshubisa umbango.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-GL, neGLX ozithola ngo-gearbox oshintshwayo nalowo ozishintshayo.
Yelama ezinye izimoto zakwaSuzuki ezisanda kwethulwa okuyiFronx, S-Presso neGrand Vitara. Ingena ngaphansi kweGrand Vitara kodwa yona idle ngokuba nezihlalo eziyisithupha.
Ine-7 inch touchscreen infotainment nezipikha eziyisithupha. Ine-Apple CarPlay ne-Android Auto nekhamera eveza ingemuva. Ine-power steering, i-climate control ngaphambili kanti nangemuva uyakwazi ukuzikhethela ukuthi ufuna umoya oshisayo noma obandayo.
Inendawo yokufaka i-USB, idlala nangeBluetooth, ine-central locking, futhi isebenzisa ibhathini ukuyidumisa nokuyicisha. Kunendawo yokufaka izingilazi ngaphambili kanti nasezicabheni zonke zikhona izindawo zokubeka amanzi.
Emgwaqweni iyabambelela kanti ngizwe iningi liyijabulela ngesikhathi yethulwa. Ifika namasondo angu-15 inch kodwa abakwaSuzuki bathe abakabi naso isiqiniseko sokuthi uyakwazi yini ukuwashintsha ukufaka angaphezu kwalawo. Njengemoto elungele ukuhamba umndeni ngisho nomsindo womsakazo ukhala ngendlela elungele uhlobo lwalezi zimoto futhi uqoqene kahle.
Phakathi intofontofo futhi ivulekile, ungakuthokozela ukuhamba ibanga elide ngayo. Izihlalo zayo ezimbili eziphakathi nendawo zinezindawo zokuphumuza ingalo.
Engikuqaphelile ngayo ukuthi akuyona imoto yabantu abahlale bephuthuma. Uma uyinyathela kakhulu uzama ukuphuthuma uma kade ihamba kancane izwakala iklinyeka kancane kodwa isheshe ikhululeke.
Zonke zinenjini kaphethroli engu-1.5 litha. Le njini idedela amandla angu-77kW ne-torque engu-138 Nm.
Yize ilayisha abantu abayisithupha kodwa ayiwudli kakhulu uphethroli ngoba ino-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo isebenzisa u-6l/100km, kuthi eno-gearbox oyi-4 speed ozishintshayo idle 6.1l/100km.
Kwezokuphepha ineHEARTECT okuwubuchwepheshe bokuvikela ukuthi ingagoqani ibencane uma ishayisa. Iphinde ibe nama-lSOFIX amabili ukuthi ukwazi ukubopha isihlalo sengane, ama-airbags, ukukhiya izicabha zangemuva ukuthi izingane zingakwazi ukuzivulela uma zingaphakathi, ama-ABS ane-electronic brake-force distribution (EBD) ne-electronic stability programme (ESP). Iphinde yengezwa neHill Hold Control kuzona zombili izinhlobo okuyiGL neGLX. Iphinde ibe nama-sensor asiza uma upaka.
Intengo:
–XL6 1.5 GL 5MT: R326 900
–XL6 1.5 GL4AT: R345 900
–XL6 1.5 GLX 5MT: R341 900
-XL6 1.5 GLX 4AT: R360 900
Iphuma ne-service plan yeminyaka emine noma amakhilomitha angu-60 000, ne-warranty yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha angu-200 000.