IMOTO: TOYOTA HILUX GR SPORT
NGIKHUMBULA sengathi bekuyizolo ngo-2019, ngesikhathi kwethulwa okokuqala iHilux GR Sport (GR-S), ehlukile kuneHilux eyejwayelekile.
Yethulwa neLegend 50 futhi sathola nethuba lokugudla amazwe eBotswana naseZimbabwe ngayo.
Ngiyakhumbula ukuthi umehluko owawulula owenza usheshe uyibone yimihlobiso yakwaGazoo Racing (GR), eyayifakwe kuyo emibaleni emithathu eyayifika ngayo – omhlophe, obomvu nomnyama.
Abanye, okuhlanganisa nami, babengayithandi leyo mihlobiso nokuyinto engasekho kule GR Sport entsha. Hhayi ukuthi ayisekho nhlobo kodwa uyifaka uma uthanda futhi ibukeka kahle ingenayo.
Ngaphambili yehlukile kuneHilux ejwayelekile ngegrille enkulu emnyama eqoshwe ukuthi Toyota. Iphinde iqoshwe uGR ezitebhisini, kwistyling bar nangemuva.
Ngemuva bayigaxe useyili futhi esikhenkeni benze kahle bayifaka irabha ukuze ingalimali uma ulayishile. Amasondo ayo awu-265-65-R17.
IHilux GR-S yokuqala kwakwakhiwe angu-600 kuphela futhi ngaphakathi ngasegiyeni yayiqoshiwe ukuthi ngeyakho nokuthi ngeyesingaki. Lokho akusekho kunalokho kuqoshwe uGazoo Racing Sport kuphela.
Ingaphakathi ligqame isitishi esibomvu yesigijima ezihlalweni (esomshayelu silawulwa ngogesi), esiteringini nasegiyeni. Kuningi okukhumbuza ukuthi uhamba ngeGR-S njengebhathini lokuyidumisa, isihlalo esibhaliwe, isiteringi ne-instrument cluster.
Enakho yitouschreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay noma ngeBluetooth. Uphinde ubone nengaphandle ngoba inamakhamera akusiza kakhulu uma upaka noma usuhamba ogwadule. Inedual-zone automatic climate control, indawo yokushaja nge-USB engifisa sengathi ngabe zandile futhi zibe khona nangemuva, namabhahini esiteringini.
Kulokhu izinguquko azikho kuphela endleleni ebukeka ngayo nakwisuspension kodwa amandla bawenyusile.
Injini kuseyiyo i- 2.8 GD-6 turbodiesel engine. Inamandla anyuswe ngo-15kW aba ngu-165kW netorque enyuke-50Nm yaba ngu-550Nm.
Ngiyazi akuwona amandla ababazeka njengaweVW Amarok PanAmerica entsha enenjini engu-3.0 V6 turbodiesel efuqa 184kW, noma iRanger Raptor enenjini engu-3.0 V6 turbopetrol ekhafula 292kW.
Yize kunjalo kodwa umehluko uyezwakala futhi ijubane uma ulidinga likhona ikakhulu uma uciphiza ibhathini elibhalwe iPower. Injini isebenza kahle nogearbox oyi-6 speed ozishintshayo. Ngizwe ingasagxumi ngisho uma ufaka igiya kuD noma kuP.
Kudizili uma igcwele uhamba ibanga elifika ku-700km ethangini elingu-80 litres futhi ibidla 9.5l/100km. Njengoba isuspension bethe ukuyithinta nje yathi ukuqina, lokho kwenza izwele emabhampini kodwa iyabambelela emakhoneni. Isiteringi sinesisindo esikahle uma isejubaneni kodwa uma upaka siyesinda nokugcina kwenza ijikele kude.
Le moto iyi-4x4 futhi indiff kanjalo no-4L no-4H.
Engikuthandayo wukuthi ezokuphepha zikhona njenge-adaptive cruise control, iyasho uma uphuma emzileni, uma uzoshayisa, futhi ayihlehli uma usuka endaweni enyukelayo kanti inama-airbag ngaphakathi.
Intengo:
Hilux GR-S 2.8 GD-6 4x4 6AT - R 865,400
Ifika neservice plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.