ZIYENYUKA kancane izibalo zokuthengwa kwezimoto ezihamba ngogesi kuphela eNingizimu Afrika naphezu kwezingqinamba zikagesi nentela ephezulu kulezi zimoto.
Ngonyaka odlule zibe ngu-501 ezidayisiwe. Ngokwe-AutoTrader isibalo siyakhula nasezimotweni ezingamasekeni njengoba ngekota yokuqala ka-2023 zibe ngu-131 ezithengiwe.
Izibalo zikhomba ukuthi uhhafu wezimoto ezintsha ezihamba ngogesi nezingamasekeni zidayiswe yiBMW esikhathini esiyizinyanga eziyithupha zokuqala konyaka.
Ngokwezibalo zeLightstone ezethulwe yi-Audi muva nje, kusuka kuqale unyaka kuya kuJulayi sekudayiswe izimoto zikagesi ezingu-568. Kuzona iBMW idayise ezingu-291 kulandele iVolvo ngo-118.
Lokhu bathi kudalwa wukuthi inezimoto eziningi futhi ingenye yezinkampani ezethula kuqala ngesikhathi iletha i-i3 ngo-2015 etholakala ngemali elinganiselwa kuR600 950 uma iyisekeni.
I-Volvo ilele isibili ngo-20% wemakethe, bese kuba yiMini ngo-12%. I-Mercedes-Benz ne-Auto zithole u-8% no-3% ngokulandelana.
Isikhulu se-AutoTrader sithe ukubiza nokuba ncane kwezimoto nokungazi yikho okuholela ekutheni zithengwe kancane izimoto ezihamba ngogesi kuphela eNingizimu Afrika.
I-Mini Cooper SE yiyona moto ehamba ngogesi ebiza kancane kunazo zonke kuleli. Maduze kuzofika iGWM Ora Hatchback ezoqala kuR716 900 neVolvo EX30 ezoqala kuR775 900.