ISIKHULU seTransUnion Africa, uMnuz Kriben Reddy, sithi ziningi izeluleko ezingashayi emhloleni zokonga uphethroli ezikhishwa ngabazibiza ngongoti ezinkundleni zokuxhumana.
UReddy uthe intengo kaphethroli nodizili akubonakali ukuthi izoba ngcono maduze ngenxa yempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine. Njengamanje intengo yelitha likaphethroli isibiza ngaphezulu kukaR21.
Uthe indaba yokuthi kumele kucishwe i-aircon ayisizi futhi ingaba nobungozi.
“Uzophefumula umoya ongcolile futhi ube wumgilwa wabashaya iwindi bantshontshe impahla esemotweni. Emgwaqweni ovulekile ukubambelela kwemoto ngenxa yamawindi avuliwe kungakudla uphethroli odlula i-aircon. Ama-aircon akamuva anomthelela omncane ekudleni uphethroli.”
Okwesibili ukuthi kungcono wethe ekuseni ngoba abantu bekholelwa wukuthi uketshezi olungamanzi lusuke lunesisindo futhi lushubile uma kubanda. Uthe abantu bazi ukuthi uma kubanda uthola uphethroli othe xaxa ngemali.
“Abantu bayakhohlwa ukuthi uphethroli ugcinwa ngaphansi komhlaba ngakho awushintshi amazinga okushisa. Into oyizuza ngokufaka ekuseni ukuthi ufika kungagcwele. Yetha noma yinini uma kunesidingo.”
UReddy uthe iseluleko sokuthi ukhiphe imoto egiyeni bese uyazihambela siyabheda.
“Ukunyathela iclutch noma ukufaka imoto kuneutral akukongeli uphethroli ngoba isuke iduma. Ubungozi ukuthi isivinini sinyuka ngamandla futhi awukwazi ukuyilawula kahle imoto. Ngenxa yokuthi amasondo asuke engenawo amandla, indlela yokujika ikhona iyabambelela futhi uma kunobungozi uzothembela emabhurekini wodwa ukuma. Ungalokothi nhlobo ukwenze lokhu.”
Uthe nanka amathiphu asebenzayo:
-Khipha isisindo: Isisindo esithe xaxa senza ukuthi imoto idle kakhulu
-Nakekela imoto: Sevisa imoto njalo futhi ugcine amasondo efuthwe ngendlela.
-Shayela kahle: Yiyona ndlela ephambili yokonga le. Ungavele unyathele mawala esikhaleni, ungabhureki mawala futhi gwema ukushayela ngesivinini esiphezulu.