ABE-MASTER Drive bakhathazekile ngokusabalala kwezindaba ezigqugquzela ukushayela kungafasiwe amabhande, kuphinde kuvulwe namawindi nokungasifaki isifonyo kubashayeli.
Lezi zindaba kuthiwa zisabalaliswa umuntu oduna izimoto kodwa ozifihlile futhi engathi abantu bayazemukela.
Isikhulu esiphezulu kwaMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe abashayeli bezimoto baseNingizimu Afrika bangase babhekane nezinkinga eziningi njengokuba sengozini noma ukudunwa kwemoto.
“INingizimu Afrika inezingozi eziningi uma uyiqhathanisa namanye amazwe emhlabeni jikelele. Ngokwemibiko yakamuva, umuntu oyedwa wakuleli kwabangu-25 ufa engozini yomgwaqo. Ngakolunye uhlangothi, izibalo azivezi ukuthi bangaki abashonayo uma kudunwa izimoto. Embikweni ka-2019/2020, isibalo sabantu abashone ezingozini zomgwaqo singaphezu kwesibalo sabadunwe izimoto okungasho ukuthi bafe khona kodwa badunwe izimoto. Kubalulekile ukuthi kubhekwe kakhulu izigameko zango-2019, ngoba ngo-2020 no-2021 umvalelandlini uphazamisile,” kusho uHerbert.
Uthe esikhathi esiningi izigebengu eziduna izimoto zisuke zifuna imoto, hhayi ukubulala umnikazi wayo.
“Yilokhu okwakushiwo yisigebengu esingaziwa ngokudunwa kwezimoto kodwa kwagcina sekuphenduke udaba engathi kugqugquzelwa ukuthi abantu bangawafasi amabhande uma beshayela. Kuyiqiniso ukuthi ngokuqaqa ibhande omunye engacabanga ukuthi ukhipha isikhali kodwa kumele ukwazi ukuqinisekisa isigebengu ukuthi awukhiphi sikhali nokukunikeza amathuba angcono okuphuma emotweni ungalimele. Lena ngenye yezinto ozoyifunda namanye amathiphu kubantu ababe yizaphulimthetho,” usho kanje.
Uphethe ngokuthi ukushayela uvule iwindi futhi ungalifasile ibhande kungenza kube lula koduna imoto kodwa akuphephile kumshayeli nomgibeli.