YIZE iningi labantu lithanda ukukhokhela izimoto lize liziqede ngenhloso yokuthi libe ngabanikazi bazo kodwa ungakwazi ukuyikhokhela uphinde uyeke phakathi nendawo futhi lingagcoli igama lakho.
Lokhu kushiwo abakwaMercedes-Benz ngesikhathi bevuselela uhlelo lokuthenga imoto ngendlela evuna amakhasimende i-Agility, abalubiza ngePersonal Contract Plan (PCP).
Yize kuwuhlelo obeluvele lukhona kodwa bathe ababaningi abantu abakulona ngenxa yokushoda ngolwazi.
Lokhu kusho ukuthi ungakwazi ukuthenga imoto yakwaMercedes-Benz ngendlela ezovuna wena futhi ungakhokhi kakhulu. Lolu hlelo luvumela kuphela abantu abathenga izimoto besebenzisa i-inhouse Finance yakwaMercedes-Benz.
Lusho ukuthi uma uthenga imoto ukwazi ukusayina inkontileka yezinyanga ezingu-36 (iminyaka emithathu) noma ezingu-48 (iminyaka emine) esikhundleni sokuthatha inkontileka ekubophezela ukuthi ukhokhe izinyanga ezingu-60 (iminyaka emihlanu), okuyiyona evamise ukuthathwa ngabantu abaningi. Kwesinye isikhathi izinyanga zize zibe ngu-72 (iminyaka eyisithupha).
Ngenxa yezinkinga eziningi ezingadalwa wukuphelelwa wumsebenzi, ukusayina izinyanga ezingu-36 kungenye yezinto engakusiza ngoba uma usuphindisela imoto emuva ngeke usale nesikweleti sokuthi imoto uhlulekile ukuyikhokhela bese kungcola igama lakho.
Ngakolunye uhlangothi uyakwazi ukuvuselela inkontileka yakho ngokuthi uma sekuphele izinyanga ezingu-36 zesivumelwano uphinde uthathe enye imoto.
Ukuphela kwesivumelwano osuke usisayinile kuhambisana nemibandela okumele uyiqonde kahle ngesikhathi uthatha imoto ngoba ungazithola usukhokha imali eyengeziwe ekupheleni kwaso.
Ezinye zezinto okumele uziqaphele yibanga okumele uyibuyise isilihambile enisuke nivumelane ngalo ngesikhathi uyithatha. Akumele lidlule nakancane lelo banga ngoba uma usuyibuyisa selidlulile kuyaphoqeleka ukuthi ulikhokhele ngaphambi kokuba uthathe enye, noma uvuselele inkontileka yokuthi uqhubeke nayo.
Okwesibili, wukuthi kumele uyibuyise isesimweni esikahle. Uphinde ukwazi ukwehlisa isitolimende senyanga ngokuthi unyuse iBalloon Payment, okuyimali oyikhokha iyisamba uma usuqeda ukuyikhokhela.
Ngenxa yokuthi vele ngeke ufike eminyakeni emihlanu uyikhokhela ngeke kukukhathaze ukuthi iBalloon yakho inkulu. Ukuba nkulu kwayo kukusiza ukuthi ukhokhe isitolimende esincane esingeke sikucindezele.