IZIBALO zokuthengwa kwezimoto ngo-Agasti zikhombisa ingcindezi ebhekene nabathengi ngenxa yesimo somnotho, ngokusho kwe-Naamsa | The Automotive Business Council.
I-Naamsa ithe izibalo zangenyanga eyedlule zikhomba ukuthi kudayiswe izimoto ezingu-45 679 nokungukwehla ngo-1 476 noma u-3.1% uma kuqhathaniswa no-47 155 owadayiswa ngo-Agasti nyakenye.
Izimoto ezikhiqizwe kuleli zase zidayisa kwamanye amazwe zona zandile ngakolunye uhlangothi njengoba isibalo sinyuke ngo-10 405 noma u-33.5%. Zibe ngu-41 462 ekubeni ngo-Agasti wangonyaka odlule zazingu-31 057.
Isibalo sezimoto ezincane ezidayise kuleli sime ku-28 951. Lokhu kusho ukuncipha ngo-2 064 noma u-6.7% uma kuqhathaniswa no-31 015 owadayisa ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Esezimoto ezingamaveni, amatekisi nama-light commercial vehicle sona sinyuke ngo-363 saba ngu-13 652 njengoba sasimi ku-13 289 nyakenye ngo-Agasti.
I-Naamsa ithe ukungenzi kahle kwezimoto ezincane kukhombisa umthelela wokunyuka kwezindleko zokuphila. Ithe ukungabi namandla okuthenga nokuthatha isikhathi sokuthi abantu bashintshe izimoto kubukeka kunomthelela.
Owengamele ezokuxhumana nokumaketha kwaWesBank, uLebo Gaoaketse uthe yize izibalo zokuthengwa kwezimoto ngo-Agasti zikhombise ukuba phansi kodwa zingaphezulu ngo-5.2% uma ziqhathaniswa noJulayi.
Uthe ziyakhathaza kodwa njengoba kuyinyanga eyodwa, azikhombisi kahle umkhuba owenzekayo.
IToyota edayise izimoto ezingu-12 233 ibonge amakhasimende nabasebenzi.
I-IOL ishicilele nalu uhlu lwezimoto ezingu-30 ezidayise kakhulu:
1. Toyota Hilux - 3 309
2. Volkswagen Polo Vivo - 2 452
3. Ford Ranger - 2 367
4. Toyota Corolla Cross - 2 130
5. Isuzu D-Max - 1 632
6. Toyota Hi-Ace - 1 534
7. Toyota Starlet - 1 372
8. Suzuki Swift - 1 349
9. Volkswagen Polo - 1 153
10. Nissan NP200 - 1 064
11. Chery Tiggo 4 Pro - 809
12. Hyundai Venue - 782
13. Nissan Magnite - 773
14. Hyundai Grand i10 - 767
15. Haval Jolion - 761
16. Renault Kiger - 718
17. Kia Sonet - 702
18. Mahindra Scorpio Pik-Up - 701
19. Renault Kwid - 684
20. Toyota Fortuner - 651
21. GWM P-Series - 567
22. Toyota Urban Cruiser - 523
23. Suzuki S-Presso - 481
24. Nissan Navara - 481
25. Suzuki Ertiga - 468
26. Toyota Vitz - 467
27. Chery Tiggo 7 Pro - 460
28. Volkswagen T-Cross - 430
29. Toyota Corolla Quest - 413
30. Haval H6 - 408
31. Suzuki Baleno - 407
32. Toyota Rumion - 342
33. Suzuki Ciaz - 338
34. Toyota Land Cruiser PU - 305
35. Suzuki Fronx - 302
36. Volkswagen Amarok - 296
37. Ford Everest - 270
38. Volkswagen Tiguan - 266
39. Kia Picanto - 256
40. Suzuki Grand Vitara - 253
41. Hyundai H100 Bakkie - 250
42. Renault Triber - 239
43. Chery Tiggo 8 Pro - 229
44. Toyota Land Cruiser 300 - 222
45. Hyundai Staria - 220
46. Suzuki Dzire - 207
47. Volkswagen Polo Sedan - 183
48. Kia Seltos - 197
49. Honda WR-V - 162
50. Hyundai i20 - 158