NJENGOBA izinkampani eziningi ezakha izimoto zenza ucwaningo ngezimoto ezihamba ngogesi, abakwaNissan bazibekele ukuthi babe sebenazo ezihamba ngawo eNingizimu Afrika ngo-2030.
Bathe yize ingakaqali ukwakhiwa ehamba ngogesi iNavara kodwa kusenziwa ucwaningo ngayo njengoba iyimoto enkulu yenjini kadizili.
Ocwaningeni lwabo bathe basabona ukuthi iNingizimu Afrika isadonsa kanzima ngengqalasizinda njengoba kubuye kuhluphe nokuhamba kukagesi.
Lokhu bathi kungaba yinkinga uma bezothembela ekutheni kube neziteshi zokuyishaja uma isiphelelwe yibhethri. Yingakho bethi kwezabo bafuna ukuthi zikwazi ukuzichaja zona zibe ngama-hybrid ukuze amakhasimende abo angabhekani nenkinga uma kwenzeka ibhrethri liphela besendleleni.
INavara ekhona, eyakhiwa lapha eNingizimu Afrika bathe abafuni icindezele amakhasimende abo ngokuyibizisa kakhulu yize inobuchwepheshe obuningi.
Inobuchwepheshe bokuthi ikwazi ukuzibambela amabhreki uma usuzoshayisa lapho unganakile. Okuphinde kwangichaza ngayo wukuthi ngisho ne-4x2 yakhona ikwazi ukuqwala intaba kalula ingcengce nasemaweni futhi ungashaywa wuvalo noma indawo iyimbi.
Ihlukene kaningi njengoba kukhona iPro-4X, ST-X, Pro-4X Warrior nePro-2X. Kukhona eyi-4x4 ne-4x2.