KUTHIWA uma insizwa yeshela intombi ebonayo ukuthi ingaba nekusasa elihle nayo, iyaye ibuze kabanzi ngokuziphatha kwayo kwabayaziyo. Bese yenza isinqumo isizwa wulwazi elithola kubantu abahlalisana nentombi.
Kwenziwa kanjalo uma uthenga imoto. Kusemqoka ukucubungulisisa igaraji lalapho uhlela ukuthenga khona, ubuzisise ngalo ukuze wazi ukuthi ujani umlando walo wokuphatha amakhasimende.
Esikhathini lapho imininingwane ngabantu isigcwele kwi-internet, sekulula ukwazi kabanzi ngomuntu noma ngendawo yokudayiswa kwezimoto.
“Izindawo ezinjengewebsite yeHello Peter, ziyasiza ngoba abantu abaningi abangaphathekile kahle uma besebenzisana nezindawo zokudayisa, baya khona bayofaka izikhalazo benzela ukuthi nabanye abantu bazi ngalokhu,” kusho ungoti oweluleka abathenga izimoto.
Uthe ezimotweni kukhona indawo ebizwa ngeMotor Industry Ombudsman of South Africa (MIOSA) lapho kukhona abomthetho abasiza ngokuxazulula izinkinga kulabo abangaphathekanga kahle uma bethenga imoto.
Uqhube wathi kubalulekile ukuthi ngaphambi kokudlulisa isikhalo sakho, ubheke lokhu ukuze ungazitholi ufaka isicelo esingenasisindo:
•Bhekisisa kahle inkontileka yakho nebhange ukuthi ithini mayelana nemininingwane yemoto, imali, konke okufakiwe entengweni yokuthenga imoto nemigomo yohlobo lwemali ozobolekwa yona (balloon, residual, deposit). Uma imoto ihlupha noma ifa, kubalulekile ukubhekisisa imigomo ye-warranty, service plan ukuthi lokukufa kuyabhekelelwa yini umshwalense wemoto yakho. Qinisekisa ukuthi imigomo ebekiwe uhambisana nayo ikakhulu ukuyisa imoto kwisevisi ngesikhathi (amakhilomitha nangesikhathi esibhaliwe ebhukwini lesevisi).
•Lapho uthenge khona imoto ikakhulu emagaraji aziwayo futhi ancikene nezinkampani ezakha izimoto (Original Equipment Manufacturer), ngokomthetho, kumele bakusize ngenkinga oba nayo emotweni oyithengile. Kubalulekile ukuthi uqale uthintane nabo ngenkinga onayo ngemoto. Uma unenkinga ngokuyikhokhela kwesitalimende, kumele uthintane nebhange elikuboleke imali. Imigomo yabangakwazi ukukwenza ibuye ingacaci kahle kodwa kuyasiza ukwenza ucwaningo ubheke imigomo ebhaliwe kwiService nakwiWarranty Policy. Lokhu kwenza kube lula ukubona uma bengahambi ngale migomo futhi ubakhombise le migomo ngokwebhuku (policy) labo.
•Uma uxoxisana negaraji othenge khona imoto ekuhluphayo, kubalulekile ukuthi ungayi ngolaka. Ngokulwa kwakho ungazithola usuphambene nengalo yomthetho bese ubanika isisindo sokukubopha bese icala lemoto libe yinto engenasisindo. Bhala konke phansi ngokuxhumana kwakho nabo mayenala nodaba lwakho. Lokhu kwenza kubonakale ukuthi bathembisa bathini, ngasikhathi sini, kwase kwenzekalani. Ngisho udaba seluya enkantolo noma ku-Ombudsman, kuyasiza ukuba nohlu olukhombisa konke ukuxhumana nabo ungalutholi usizo.
•Ungadikibali uma ingathathi isikhathi obusilindele. Ukhumbule isikhathi sokuthenga imoto kuba yiminyaka, okusho ukuthi uma udaba lokungagculiseki luthatha izinyanga, kungcono uphikelele ekuxazululweni kodaba lwakho ungalahli ithemba.