IMOTO: TOYOTA RUMION
KUHLANGENE unyaka ogcwele ngenyanga edlule iToyota isiqedile nge-Etios, isikhala sayo yasivala ngeStartet.
Okwenzeke kwi-Etios, kuphinde kwi-Avanza, isikhala sayo sithathwa yiRumion ebiyethulwa ngoLwesithathu, eGoli.
Zombili izimoto, okuyiStarlet neRumion zenzeke ngenxa yobudlelwano iToyota enabo neSuzuki. IStartet isuselwe kwiSuzuki Baleno kuthi iRumion kwi-Ertiga. Kukhona neSuzuki Vitara Brezza ezale iToyota Urban Cruiser.
“Indlela abantu abazamukele ngayo lezi zimoto ingaphezulu kakhulu kunaleyo ebesiyilindele,” kusho uGlen Crompton, ophethe ezokuMaketha kwaToyota, ngesikhathi ephawula ngempumelelo yeStartlet ne-Urban Cruiser.
I-Avanza esigijime emigwaqweni kusukela ngo-2006, bathi ushintsho ludalwe ukubiza kwayo, indlela ebukeka ngayo nezinto enazo yingakho befake iRumion.
IRumion iyafana ne-Ertiga kepha ishintshe kakhulu kwigrille ephicwe ngechrome. Itholakala ngezinhlobo ezintathu okuyiS okuyiyo eyokuqala, iSX ephakathi neTX ephezulu.
Ifika namasondo angu-15 inch anamakhava noma amarimu, kuya ngenhlobo yakho. I-Avanza ibifika nangu-14 inch. Njenge-Avanza, ilayisha abagibeli abayisikhombisa ngaphakathi futhi ibukeka inkudlwana. Isikhala ebhuthini sinendawo yokubeka ngaphansi futhi uyakwazi ukuzilalisa ukuze kwande isikhala.
Ine-aircon ngaphakathi nangemuva, amawindi kagesi, amasensor ngemuva noma ikhamera, Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, Wi-Fi, umphico osaplangwe kwidashboard nokunye. Kuya ngenhlobo oyithathayo.
Kuphelile ngeToyota Avanza kwafakwa iRumion. Ilayisha abagibeli abangu-7, inamasondo angu-15 inch, ikhamera, iWiFi, i-aircon ngemuva nokunye. Inenjini engu-1.5l efuqa 77kW/138Nm nogearbox oyi-5 speed manual/4 speed auto. Iqala kuR246 600. Funda ngayo kwi @IsolezweNews maduze. pic.twitter.com/nrXWTSuNVU
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) October 13, 2021
Zonke zinenjini eyodwa engu-1.5 litre enamandla angu-77kW netorque engu-138Nm, kukhona igearbox ewu-5 speed manual newu 4-speed auto. Kuphethroli bathi idla amalitha angu-6.2 ngo-100km. Ngiyishayele kancane izwakala ikahle emgwaqweni, ayinamsindo wenjini ngaphakathi.
Kwezokuphepha inama-airbag ngaphambili, amabhreki e-ABS ne-EBD bese iba ne-alarm.
Intengo:
Rumion 1.5 S - R 245 600
Rumion 1.5 SX MT - R 273 500
Rumion 1.5 SX AT - R 289 200
Rumion 1.5 TX MT - R 301 600
Rumion 1.5 TX AT - R 317 200
Zonke izinhlobo ziphuma namasevisi amane amahhala noma u-60 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.