IZIBHELU, ezibheduke KwaZulu-Natal naseGauteng, zibe nomthelela ekwehleni kwesibalo sokuthengwa kwezimoto eNingizimu Afrika ngoJulayi.
Lokhu kushiwo yiWesBank neNaamsa the Automotive Business Council ngesikhathi bephawula ngokudayisa kwezimoto ngenyanga eyedlule.
Ngaphandle kwezibhelu, iNaamsa ithe ukuhlaselwa kokusebenza kweTransnet kube nomthelela omubi ekudayiseni izimoto kwamanye amazwe kanjalo nokufakwa kwezwe esigabeni sesine somvalelandlini.
Ngenxa yalokhu, izimoto ezidayise ngaphandle zibe ngu-16 931. Lesi yisibalo esehle ngo-8 381 noma u-33.1% uma kuqhathaniswa no-25 312 owaphuma ngoJulayi ka-2020.
Izimoto ezidayise kuleli zibe ngu-32 949 nokuyisibalo esikhuphuke ngo-544 noma u-1.7% uma kuqhathaniswa no-32 405 owadayiswa ngoJulayi wonyaka odlule.
ULebogang Gaoaketse, okhulumela iWesBank, uthe yize izibalo zinyuke ngo-1.7% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule kodwa zehle ngo-13.6% uma ziqhathaniswa nezangoJuni kulo nyaka.
Kuzona zonke izimoto ezingu-32 949 okubikwe ukuthi zidayisiwe, ezilinganiselwa ku-28 326 noma u-86.0% uthengwe emagaraji, u-9.2% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, ezingu-2.7% kube ngowezinkampani, kwathi u-2.1% wathengwa nguhulumeni.
Izimoto ezincane zibe ngu-20 575 nokuyisibalo esinyuke ngi-1 719 noma u-9.1% uma kuqhathaniswa no-18 586 wangoJulayi ka-2020.
Izimoto ezingamaveni namatekisi zibe ngu-10 266. Yisibalo esehle ngo-899 noma u-8.1% uma kuqhathaniswa no-11 165 wangesikhathi esifanayo nyakenye.
Isikhulu seNaamsa, uMikel Mabasa, sithe: "Kulindeleke ukuthi sibe ngconywana isimo ekuthengweni kwezimoto ezintsha ngenxa yokubuya kozinzo KwaZulu-Natal naseGauteng, ukufakwa kwezwe esigabeni sesithathu somvalelandlini nokusabalaliswa ngamandla komgomo."