KUNYUKILE ukuluthwa kwabantu ukuba badedele izimoto zabo ngoba kuthiwa kumele ziyolungiswa okuthile.
Lobu bugebengu abubusha kodwa ngokweKing Price Insurance, bunyuke ngamandla kulezi zinyanga ezedlule.
Kwenzeka ngokuthi umnikazi wemoto athole ucingo lomuntu othi usebenza egaraji lezimoto noma lapho zakhiwa khona bese ethi kunezinto okumele ziyolungiswa kuyo. Ngokujwayelekile lowo muntu usuke enayo yonke imininingwane yemoto neyomnikazi wayo.
Kuthiwa ube esehlela ukuyilanda nge-tow truck nokuzobe sekungokokugcina umnikazi ebona imoto yakhe.
IKing Price ithe ukuze ugweme lokhu, kumele ukuthi uma uthola ucingo ushayele inkampani yemoto yakho noma igaraji eliseduze kwayo ukuze uqinisekise lokho.
"Akumele unikeze omunye umuntu imoto yakho. Mancane amathuba okuthi inkampani izilandele yona imoto yakho kuwe. Bajwayele ukuthi bakucele ukuthi uyise wena egaraji. Uma kunobuqiniso, bazokhuluma ngendlela efanele echaza yonke into, yizinto okumele uzilandele nokuthi uzoqinisekisa kanjani okwenzekayo."
Ithe ungalokothi ukhiphe imininingwane yakho noma imali kumuntu othi usebenza egaraji noma enkampanini yezimoto.
"Vala ucingo noma uyicishe i-email bese ufonela igaraji eliseduze noma amaphoyisa."
Imishwalense eminingi ikhuthaza abantu ukuba baqaphele. Ithe uma omunye wamakhasimende ayo eluthwe ngale ndlela ekholwa ukuthi imoto yakhe iyokhandwa, bayakhokha.