KWENZEKE okulindelekile ekuthengweni kwezimoto eNingizimu Afrika njengoba izibalo zikhomba ukuthi kuyanyuka, ngokusho kwNaamsa.
INaamsa ithe ngoJuni kudayise izimoto ezingu-38 030 nokuyisibalo esikhuphuke ngo-6 387 noma u-20.2% uma kuqhathaniswa no-31 643 owadayiswa ngoJuni wonyaka odlule. Nesibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle naso sinyukile. Zibe ngu-28 384 nokuyisibalo esikhuphuke ngo-9 567 noma u-50.9% uma kuqhathaniswa no-18 808 owaphuma ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Kuzona zonke izimoto ezingu-38 030 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-32 847 noma u-86.3% wazo uthengwe emagaraji, ezilinganiselwa ku-7.6% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-3.9% kwaba ngowezinkampani bese kuthi u-2.2% wathengwa nguhulumeni.
Izimoto ezincane ezithengiwe zibe ngu-24 482 nokuyisibalo esinyuke ngo-5 348 noma u-28.0% uma kuqhathaniswa no-19 134 owadayiswa ngoJuni wonyaka odlule.
Izimoto ezingama light commercial vehicles, amaveni namatekisi kuthengwe ezingu-11 208 nokuyisibalo esinyuke ngo-986 uma kuqhathaniswa no-10 222 wangesikhathi esifanayo nyakenye.
IWesBank ithe ukuthengwa kwezimoto ngoJuni kwehlile uma kuqhathaniswa noMeyi lapho ezazingu-38 320 khona.
"Ukungabi khona kwesitokwe esanele kuyaqhubeka nokuba nomthelela ekudayiseni ngoba izinkampani eziningi zizama ukumelana nezidingo futhi nezikhiqiza kuleli zinenkinga yokushoda kwamaphathi," kusho owengamele ezokuxhumana kwaWesBank uLebogang Gaoaketse.