INHLANGANO iTyre Equipment Parts Association (Tepa) isinxuse izindawo ezidayisa nezilungisa amathayi ukuthi zingawasizi amakhasimende afika nawawo ngaphandle bobufakazi bokuthi bawathenge kuphi.
UHedley Judd ongumqondisi kazwelonke weTepa, edlelana neRetail Motor Industry Organisations (RMI) uthe ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule, kunezindawo ezigcina amathayi neziwadayisayo, ikakhulu KwaZulu-Natal, eziphangiwe.
Uthe ngenxa yalokhu kunesitokwe esiningi abantu abasidayisayo.
"Esigamekweni lapho umuntu engabukhiphi khona ubufakazi bokuthenga amathayi noma amaphathi, iTepa iphakamisa ukuthi kubikelwe amaphoyisa ngokushesha futhi imiyalelo yamaphoyisa ilandelwe ngendlela," kusho uJudd.
Uthe izibhelu kungenzeka ziholele ekutheni isitokwe sishode okwesikhashana ikakhulu ngoba kusenzima nokuhamba okwamanje.