ISIKHULU seMasterDrive u-Eugene Herbert sithi ucwaningo luveza ukuthi ukushayela uzela kungaba nobungozi njengokushayela uphuzile.
Uthe kuningi abantu abangakwenza ukugwema ukushayela bekhathele.
"Lezi yizinto ezilula bonke abashayeli okumele bazijwayele ukuze babe ngabashayeli abaphephile futhi abangcono."
Uthe ngalesi sikhathi sonyaka ukushayela wozela yingqinamba enkulu kwazise abantu bakhathele umqondo nasemzimbeni.
Nanka amathiphu okushayela wozela:
- Lala ngokwanele ngaphambi kohambo olude noma uma ungumuntu osebenza ngokushayela.
- Zama ukubona izimpawu zokozela bese wenza iminyakazo ngokushesha. Izimpawu zihlanganisa ukuzamula, ukusinda kwamehlo noma ukungaboni kahle.
- Yenza isiqiniseko sokuthi awushayeli amahora angaphezu kwamabili kulandelana.
- Qaphela kudlayo. Gwema ukudla okunoshukela omningi kunalokho ukhethe okuzonikeza umfutho.
- Kumele wenze isiqiniseko sokuthi uhlala uphuza amanzi ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka.
- Gwema ukuthatha imithi eyenza wozele.
- Uma uzwa wozela ushayela, kungcono ume bese uhlaba ikhefu kunokuqhubeka (paka endaweni ephephile).
- Uma kunomuntu ohamba naye kungcono ukuthi umnikeze imoto uma uzwa wozela kunokuzama ukuziba.
- Uma ungumqashi noma ubhekelele izimoto, yiba nomgomo wokuthi kwenziwe njani uma umshayeli ezela.