IMOTO: AUDI A5 Sportback
NGIBUYE ngingazithandisisi kahle izimoto ezinokhakhayi oluyisibaca ngemuva ngenxa yokuba nesikhala esincane kwazo ngaphakathi.
Lezi zimoto zigabe ngobuhle bese kuthi ukhakhayi ngemuva lube yisibaca nokunciphisa isikhala ekhanda kubagibeli ngemuva kanjalo nesempahla ebhuthini.
I-Audi A5 Sportback ikushintshile konke lokho ngenxa yokuvuleka kwayo ngaphakathi. Uma uyibuka ngaphandle ukhakhayi luyisibaca nokwenza kumele uqaphele uma ungena ezihlalweni zangemuva.
Uma uvula izicabha amawindi awanawo amaframe bese ubingelelwa udedangendlale wesikhala ngaphakathi. Noma uvula ibhuthi inkulu nokuvele kukwenze ucabange ukugcwalisa izimpahla nomndeni ningene indlela.
Noma usuciphiza ibhathini lokuyidumisa injini ehamba ngayo iyenza ihambe kahle. Ingu-2.0 litre turbocharged kadizili futhi inamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Inogearbox oyi-7 speed ozishintshayo. Okumnandi ngale njini ukuthi amandla iwathumela kalula futhi akukho nakancane lapho uzwa khona ukuthi ayashoda. Inamandla injalo futhi iyonga kudizili nokwenza ungazisoli usuphakathi nohambo.
Emgwaqeni le moto intofontofo, ithule ngaphakathi futhi iyabambelela nasemajikeni kwazise idonsa ngawo womane amasondo.
Amasondo bawagaxe amarimu angu-19 inch. Ezinye izinto enazo amaMatrix LED headlights, honeycomb grille, MMI touch system, izihlalo zesikhumba nokunye.
I-Audi A5 Sportback igabe ngobuhle, isikhala ngaphakathi nenjini eyenza ihambe kamnandi.
Intengo:
R 910,000
Ifika ne-Audi Freeway plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.