UMCULO uyayithinta indlela abashayeli abahamba ngayo emgwaqweni.
Lokhu kushiwo yisikhulu seMasterDrive, u-Eugeen Herbert, ngesikhathi siphawula ngemibhalo esezinkundleni zokuxhumana ethi kunabashayeli abanciphisa umsindo, ukuze babone kahle.
Uthe empeleni abashayeli abaningi bayawunciphisa umsindo ukuze bacabange kahle ngendlela abahamba kuyo, hhayi ngoba kubasiza ekutheni babone kahle kodwa kulekelela ekutheni bacabange kahle ngomgwaqo.
“Ucwaningo lwaphesheya luveza ukuthi umculo okhala phezulu unyusa amathuba okuthi ushayise noma ushayele budedengu. Kungaphazamisa indlela oshayela ngayo futhi kuthathe isikhathi ukuthi ugweme isimo esinobungozi. Imisakazo ekhala phezulu ingaholela ekutheni ungabhreeki ngesikhathi noma ugweme izinto ngokushesha,” kusho uHerbert.
Uthe kunamadolobha emazweni omhlaba lapho kungavumelekile ukushayela ube udlala umculo phezulu.
“ENevada, e-United States of America, ukudlala umculo phezulu ube ushayela, kuthathwa njengento ekuphazamisayo ekushayeleni. Ucwaningo lwaseCanada, luthi abantu abadlala umculo phezulu kubathatha isikhathi esiwu-20% ukweza into edinga umqondo nezandla. Indlela omculo oshesha ngayo uyayithinta indlela oshayela ngayo ngokocwaningo lweNyuvesi iBen-Gurion. Umculo osheshayo wenza indlela inhliziyo eshaya ngayo ibe phezulu nokuthinta ijubane nendlela ojula ngayo unganakile,” kuqhuba uHerbert.
Uqhube wathi umculo okhalela phezulu udala izimo ezinobungozi.
“Ukuphazamiseka ube ushayela ngesivinini esiphezulu ngendla yalokhu okuhlanganiswe nokuthatha isikhathi ukugwema izinto kungadala ubungozi. ENingizimu Afrika awukho umthetho ovimba ukudlala umculo ube ushayela ngesivinini esiphezulu. Ngabe lokhu kusho ukuthi ungangena emotweni bese udlala umculo phezulu? Impendulo yalokho ithi, kubabashayeli abazinikele ekusebenziseni umgwaqo ngokuphepha nokunciphisa izingozi, Cha. Ukushayela ngokuphepha akuncikile ekutheni umthetho uthini. Kuncike kumshayeli ukuthi abheke izimo ezinobungozi bese eshintsha indlela enza ngayo ukuzigwema.”
UHerbert uthe maningi amathuba okudlula erobhothini livalile uma umculo uphezulu. Uthe abantu abasha bangase benze amaphutha okushayela ngesivinini esiphezulu. Okunye wukuthi umculo ophezulu ungenza ungezwa uma abezimo eziphuthumayo beqhamuka.