KUFEZEKE isethembiso sobumnandi nenjabulo kuncintisana abezimoto kowe-Redbull Car Park Drift.
I-car drifting ingenye yemidlalo yezimoto ekhula ngokushesha. Lo mdlalo uqhakambisa ubuhlakani bokushayela kunezithiyo ezibekiwe emgwaqeni ngenhloso yokuvivinya amakhono okugoqa imoto, ukujika eduze ungaphazamisi izithiyo ezibekiwe wenza konke lokhu ngesikhathi esibekiwe ithayi libe libhaza umetshisi kwazisholo u-Ayanda Msweli ongumethuli wesimo somgwaqo kuleli.
I-Red Bull Car Park Drift wumncintiswano wekhethelo noyingqayizivele ovivinya ubuhlakani, ubukhali nokushesha kwabashayeli bezimoto lapho bebonisa ikhono labo lokushayela ezimweni ezahlukene kubekwe neziyiyo ezinhlanu.
Ubomnandi ngempela abupheli eThekwini @RedBullZA ikhumbuze abathandi bomdlalo wezimoto ukuthi yibona abanikazi bobumnandi #RedBullCarParkDrift @IsolezweNews pic.twitter.com/OWc0gsscYN
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) April 16, 2023
Abathandi balo mdlalo wezimoto baphume ngobuningi babo ukubuka lo mdlalo eSuncoast Casino eThekwini ngoMgqibelo emini. Abashayeli ababambe iqhaza kulo mcintiswano
oyingqayizivele wokuvivinya abashayeli abangcono kakhulu ngokwengqondo nangokomzimba esifundweni esiklanywe ngokukhethekile esinezithiyo ezinhlanu eziyinselelo.
Lapha bekuhlangene abashayeli abangu-16 beqophelo eliphezulu abasuka ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika. Abashayeli ababambe iqhaza nguJason Webb, uJim McFarlane, Joey Govender, Ernest Davis, Paolo Jr. Gouveia, Yaseen Damon, Chad Thomas, Riaan Stokes, Donnovan Wheeler, Gordon Rich, Michael Skelton, Shain Ferreira, Eric Van Eyssen, Ithiya Francis, Andre Leibbrandt, Mark Goodall, Johnathan Van Eyssen noCale Van Der Berg.
Ngemuva kwemilenze emithathu, ukhethiwe umanqoba, umakhonya ozomela iNingizimu Afrika kuma-World Finals eQatar kuwo wona lonyaka.
Endaweni yesithathu uMichael Skelton, kweyesibili uPaolo Jr. Gouveia kwacaca ukuthi umakhonya uJim McFarlane. UMcFarlane akaqali ukunqoba lo mcintiswano njengoba nango-2021 uyena owadla umhlanganiso.