IKHISHIWE intengo yezimoto ezihamba ngogesi zakwa-Audi ama e-tron nezizoqala ukudayayisa kusuka ngonyaka ozayo.
Ukukhishwa kwentengo kuhambisana nokuvumela amakhasimende ukuthi azifunayo aqale azibekesele zona.
Lezi zimoto zizotholakala emagaraji akwa-Audi angu-10 eNingizimu Afrika. KwaZulu-Natal izotholakala emagaraji amabili aseThekwini, amathathu eGoli, amathathu ePitoli namathathu eKapa. Kulamagaraji abanikazi balezi zimoto bazokwazi ukuya khona ukuyoshaja ngeshaja esheshayo.
Umndeni wama e-tron ozodayisa uhlanganisa i e-tron SUV, e-tron Sportback neS Sportback, e-tron GT nenamdnala iRS e-tron GT.
Le nkampani ithe labo abazothenga i e-tron bazothunyelelwa mahhala umuntu ozohlola amakhaya abo ukuhti yiziphi izidinga zokushaja abanazo. Uma kukhona isidingo i-Audi izofaka i-32Amps industrial socket yokushaja ebiza uR5 000.
Lokhu kuzokwenza ukuthi ikhiphe ugesi olinganiselwa ku-7.2kW bese imoto ishaja ngokugcwele ngamahola alinganiselwa ku-13. Bathi uma kukhona ofuna amandla engeziwe uyakwazi ukuwathola khona egaraji bese kuza umuntu ogunyaziwe ozokufakela.
I-Audi ibuye yaveza ukuthi ibambisene neGridcars ukuze abanikazi bezomoto zabo bakwazi ukushaja ezindaweni zayo ezingaphezu kuka-280 eNingizimu Afrika. Abathengi bazothola ikhadi abazolisebenzisa kwaGridcars, ubulungu bamahhala bonyaka kwaGridcars nevoucher yokushaja mahhala.
I e-tron 55 ne-55 Sportback zinebhethri elingu-95kWh. Inamandla angu-300kW netorque engu-664Nm. Zisuka ku-0 ziye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7. I-55 bathi uma uma ishajwe yagcwala ikwazi ukuhamba ibanga eliphakathi kuka-360 no-440km kanti i-55 Sportback yona eliphakathi kuka-372 no-453km.
I-S Sportback nayo inebhethri elifanayo kodwa amandla angu-370kW/973Nm. Ihamba ibanga eliphakathi kuka-347 no-378km.
I e-tron GT neRS e-tron GT zona zinelingu-93.4kWh. Amandla eGT angu-350kW netorque engu-630Nm. Ihamba ibanga eliphakathi kuka-452 no-488km. NjengeS Sportback, nayo ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.5.
IRS e-tron GT ikhafula amandla angu-440kW netorque engu-830Nm. Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.6 kuphela futhi ihamba ibanga eliphakathi kuka-433 no-472km.
Phakathi kwezinto i e-tron SUV neSportback ezinazo kubalwa i-adaptive air suspension, amawindi kagesi ngaphambili aphinde ashise, lane change and rear traffic assist, iyakusiza uma upaka, ikhamera ngemuva, Matrix LED lights, Audi connect emergency call, inkombandlela, Audi virtual cockpit plus, izipikha zeBang & Olufsen nokunye.
I e-tron GT neRS e-tron GT zona zinamakhamera aveza umzimba wonke ngaphandle, izihlalo zikagesif uthi ezishishayo, iyasho uma uphuma emzileni, ama-airbag emaceleni ngaphambili nangemuva, adaptive air suspension, e-tron sports sound, izipikha zeBang & Olufsen, Matrix LED headlights, panoramic glass sunroof, MMI navigation plus nokunye.
Intengo:
e-tron 55 advanced R1,990,000
e-tron 55 S line R2,045,000
e-tron 55 Sportback S line R2,115,000
e-tron S Sportback R2,425,000
e-tron GT R2,715,000
RS e-tron GT R3,300,000
Ziphuma ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.