ABESIFAZANE kumele bazohlomise ngolwazi lokushintsha isonto ngendlela efanele ukuze bengalimali bona nemoto.
Lokhu kushiwo nguVuyi Mpofu ongumsunguli weGals Garage Workshops nokuyinkundla eyaqala ngo-2016 yokuhlomisa abesifazane ngolwazi oluthinta izimoto.
"Phambilini kwakuphephile ukucela umuntu ongamazi ukuthi akusize ngokushintsha isondo kodwa manje izikhathi zishintshile ngakho kungasiza wonke umuntu wesifazane ukukwazi ukuzenzela," kusho uVuyi.
Uthe indlela yokubona ukuthi umoya usuwehlile esondweni ukuzwa umsindo ongajwayelekile oqhamuka khona noma uzwe imoto ikudonsela ngasohlangothini oluthile.
Uthe ukuze ushintshe isondo udinga isipanela, inut-lock, ujeke, unxantathu oxwayisa abanye abashayeli nesondo eliyisipele.
"Kubalulekile ukuqondanisa ujeke nendawo lapho okumele ufakwe khona ngaphansi kwemoto. Uma ujeka imoto noma yikuphi, isisindo sayo singayilimaza noma ujeke uphunyuke bese imoto ishayeka phansi. Lokhu kungenza ukuthi ulimale futhi kudaleke umonakalo omkhulu emotweni," kuchaza uVuyi.
Uqhube wathi kumele imoto ibe sendaweni eqondile, udonse ihandrake bese ufaka imoto egiyeni noma kuP uma inogearbox ozishintshayo ukuze inganyakazi. Uthe engakululeka nokufaka isitini kwamanye amasondo ukuze ime nse.
UVuyi usanda kuba nenkundla yokucobelela abesifazane ngolwazi eGoli muva nje. Kulo mcimbi obuxhaswe yiToyota South Africa Motors, abebekhona bathole ithube lokuvivinya iToyota Urban Cruiser, Starlet ne-Agya.