ISIKHATHI sokuthenga imoto siyajabulisa ungaze ugcine ungasanaki izinto ezibalulekile ezibhalwe kwinkontileka noma kwi-quotation yakho.
Ngesikhathi ukhetha okuzofakwa emotweni yakho entsha, usuke ubheka ubuhle bayo nokuthi yikuphi okuzokwenza uyijabulele imoto yakho.
Ongoti bathi izinto ezifana ne-sunroof, amasondo amakhulu noma umsakazo onamandla, kujwayelekile ukuthi zengeze imali uma ubheka izinto imoto efika nazo.
Kulula ukuthola intengo efanele uma imoto iyintsha ngoba abakhiqizi bayo bayayiveza ezintweni ezifana namaphepha ayizikhangiso.
“Uma umdayisi esekwenzela iquotation kubalulekile ukuthi uqhathanise intengo ayifakile kulokho okwengezile emotweni yakho entsha, kunaleyo ebhalwe esikhangisweni. Isikhangiso sitholakala kalula ngoba uma uya kwi-website yenkampani eyakha imoto ngaphansi kwalolo hlobo olithengayo, kuba khona uhlu lwezinto ongazifaka nentengo ongayikhokha. Le ntengo iyashintsha ezikhathini ezingangezinyanga eziyisithupha noma ngaphezulu, yingakho kubalulekile ukubheka ukuthi kulesi sikhangiso onaso ngesasiphi isikhathi,” kweluleka ungoti.
Uqhube wathi esikhathini samanje usuyakwazi nokuyenza imoto yakho ivele kwi-internet uma usebenzisa amakhasi abizwa ngokuthi ama- car configurator. Kuleli khasi uyakwazi ukuyibona ukuthi imoto ifika nani futhi yiziphi izinto ongakwazi ukuzifaka ukuze eyakho ihluke.
“Izinto ezinjengombala wangaphandle, uhlobo lwamathayi, umbala wendwangu noma isikhumba sezihlalo ukwazi ukukubona. Okubalulekile kuleli khasi ukuthi ukwazi nokubona intengo ebekwe abakhi bayo. Uma usuyiqedile ukuyakha emakhasini, kubalulekile ukuthi uligaye iphepha elichaza imoto oyifunayo nezinto ozengezile ukuze uthi uma usuya egaraji usuyokwenza i-oda layo, wazi ukuthi yikuphi efika nakho, nokuthi yikuphi okwengeziwe futhi kuyimalini.”
Uma umdayisi esekwenzelile i-quotation, kubalulekile ukuthi uqhathanise intengo ebhalwe ukuze ungakhokhi ngaphezulu kokubekwe abakhi bemoto. Uthe kuyaye kube nzima uma imoto izofakwa izinto ezingaqhamuki kumakhi wemoto.
“Izinto ezifana no smash & grab, tow bar, nudge bar, side steps nokunye kufakwa yigaraji othenga kulo. Intengo yalezi zinto ozifakayo azibhalwa kuhlu umakhi abhale izinto ongazifaka ngoba zenziwa ngaphandle. Yilezi zinto lapho uthola abathengi beqolwa khona ngoba abadayisi babiza noma iyiphi imali uma befuna ukududa umthengi. Kubalulekile ukuthi uye emagaraji noma amabili adayisa imoto efanayo bese uqhathanisa intengo abazidayisa ngazo lezi zinto ngokuzibhala kwabo kwi quotation.”
Uthe ezinye izinto ezikhokhelwayo uma uthenga imoto kungabalwa:
•Delivery fee
•Licence and registration
•Paint protection
•Valet
•Tracker
“Lezi zinto kubalulekile ukuthi ubuzisise kahle ukuthi intengo yazo ibekwe ngubani bese uyaqinisekisa ukuthi amanye amagaraji adayisa izimoto nawo akhokhisa imali efanayo.
Konke lokhu kuzokusiza ngoba kuba nzima ukwenza ushintsho uma ususayisayine i-quotation yase ithunyelwa ebhange, wathola waphasiswa futhi wasayina nenkontileka yesikweletu ekunikeza imoto.
Uthe imigudu oyilandelayo uma usutholile ukuthi igaraji likukhokhise okungafanele, ithatha isikhathi ukuthi ikusize okungaze kudinge ukuthi ube nabameli bomthetho lapho usufake icala lokubopha igaraji.
“Uma nje wehlisa umoya, uthintane nongoti abanolwazi ekuthengeni izimoto ubakhombise i-quotation yakho ngaphambi kokuyosayina inkontileka yesikweletu, kuyasiza ngoba ungazibona usuthenga ingulube isesakeni.”