IMOTO: KIA SONET
KUMINYENE utshumo esigabeni samaSport Utility Vehicle (SUV) amancane njengoba izinkampani ziqinisa kuwo ngenxa yokuthi abathengi bayazithanda izimoto ezikhona.
Kukulesi sigaba lapho ufica khona izimoto okubalwa kuzo iFord EcoSport, Nissan Magnite, Toyota Urban Cruiser, Suzuki Vitara Brezza, Mahindra XUV300, Hyundai Venue nezinye. Umzala weHyundai Venue iKia Sonet nayo ingena kuwona lowo mbango.
Ibonakala izoyibamba impi yabathengi ngendlela eyakhiwe ngayo njengoba ngaphandle ibukeka, lapho ishaya nge-tiger-nose grille eyaziwa ezimotweni zakwaKia. Iphinde ibe nama-fog lights ne-skid plate ngaphambili.
Amasondo ehamba ngawo anamarimu angu-16 inch bese kuthi ebhuthini kube nesipele esingu-15 inch. Okhakhayini inama-roof rails bese kuthi ngemuva ufise i-skip plate nakhona.
Ngaphakathi isikhala sikhona yize uma umude uzoba nenkinga yokumpintsheka emadolweni. Ikahle kwabanemindeni emincane, abangawushiyile kakhulu umhlaba. Ebhuthini singu-392 litres isikhala futhi izihlalo ziyakwazi ukulala yize zingathi mba phansi zilingane nebhuthi. I-wheelbase ingu-2 500mm.
Ngaphambili ayinazo izinto eziningi, kugqame i-8 inch touchscreen infotainment system lapho udlala khona umsakazo uphinde ubone ingemuva uma uhlehla. Iselula, ukuze ivele khona nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto uyixhuma ngaphandle kwentambo. Uyakwazi nokuyixhuma ngeBluetooth. Uma ufuna ukushaja nokho kunezimbobo ezimbili ngaphambili neyodwa ngemuva nokuyinto enhle.
Amawindi asebenza ngogesi, izibuko emaceleni zihlelwa ngogesi futhi nesiteringi uyakwazi ukusiphakamisa noma usehlise kodwa awukwazi ukusisondeza.
Engikuthandile ngayo yindlela eyonga ngayo kuphethroli. Ngebanga lika-100km ibidla amalitha angu-5.9 ethangini layo elingu-45 litres. Injini ingu-1.5 litre engenayo i-turbo efuqa amandla angu-85kW ne-torque engu-144Nm. Isebenzisa u-gearbox ozishintshayo oyi-CVT.
Yize ingaphakami ngokushesha njengezinye zezimbangi ezinezinjini ezincane ezine-turbo kodwa amandla akhona. No-gearbox ushintsha kahle, nixabana kuphela uma uyinyathela ngamandla lapho evele ibange khona umsindo.
Uma uyisusa endaweni enyukelayo ayihlehli njengoba ineHill-start Assist Control nokungesiyona yodwa esiza ukuphepha. Okunye ngama-airbag ngaphambili, Electronic Stability Control namabhreki e-ABS ne-EBD.
Intengo:
Sonet 1.5 EX CVT - R310,995
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa iRoadside Assistance.